Sakha isizwe

AMAZWE AMBANDAKANYEKA EMPINI YASE SUDAN, KUNGABE YINI IZINHLOSO ZAWO, AHLOMULANI NGALEMPI?

NGUMNUZ BHEKI NKWANYANA

NOMA yiliphi izwe lingena empini ngezinhloso ezithile. Kungaba ezomnotho, kungaba
ubungani nokunye. I Sudan inolwandle olungama 750 km, oluyingxenye ye Red Sea.
Lolulwandle lubaluleke kakhulu kwezohwebo nakwezomnotho. Lubalelwa ku 10% uhwebo
oludlula kulolulwandle. Okwenza luphinde lubaluleke lolulwandle ukuthi luseduze nomgudu
obizwa nge Suez Canal ezweni lase Egypt. Kulomgudu kudlula ezohwebo ezibalelwa ku 10%
kuya ku 15%. Konke lokhu kusho ukubaluleka kwalendlela yase Sudan. Lezizinto
engizibalulayo zenza amazwe amaningi abe neqhaza alibamba kulempi ngenxa yokubaluleka
kwalolulwandle kanye nezwe lase Sudan uqobo lwalo. Ibalelwa ku 50 kuya ku 70 imikhumbi
yezohwebo edlula kulolulwandle, i Red Sea ngosuku. Uma sibuka ngokwemali, lokhu
kungasho u $ 9 Billion odlula kulolulwandle ngosuku. Uma ungavalwa ngosuku kungalahleka
ezohwebo ezibalelwa kuyo lemali. Ake sibuke amazwe azimbandakanya nalempi yase
Sudan:
EGYPT lelizwe likulempi ngoba lifuna ukuvikela indlela ye Red Sea ngoba lesaba ukuthi uma
kungaphumelela i Repid Support Force(RSF) kungasho ukuphumelela kwezitha zayo ezifana
ne Turkey, Qatar and Iran. Lokhu kungenza kungabi lula ukuhlomula kulendlela ye Red Sea
edlula e Sudan. Ukuphumelela kwe Sudanese Armerd Forces(SAF) kungenza lula ukuba i
Egypt isebenzise inchweba lase Sudan(Port Sudan) elisolwandle i Red Sea. Lokhu kusho
ukuthi i Egypt ivikela umnotho wezwe layo ngokuzimbandakanya kulempi yase Sudan.
UNITED ARAB EMIRATES(UAE) lelizwe lifuna i Muslim Brotherhood ingabi namandla
okubeka umbuso e Sudan ngoba lokho kungasho ukuthi lelizwe lona alisakwazi ukudlulisa
izimpahla zalo endleleni ye Red Sea engaphansi kwe Sudan. Lilwa ngayonke indlela ukuthi
ingaphumeleli i Sudanese Armed Forces(SAF) abayibona ihambisa ne Muslim Brotherhood.
Indida enkulu ngalelizwe ukuthi lidayisela izinhlangothi zombili izikhali zama drones. Lokhu
kusho ukuthi impi yase Sudan iyalihlomulisa kwezomnotho. Ekugcineni, uma i Repid Suport
Force ingaba semandleni, lokhu kungasiza in United Arab Emirates ukufeza isivumelwano
sokwakha ichweba i Abu Amama port engase Ningizimu yechweba i Port Sudan ebizwa nge
Suakin. Lomsebenzi wokwakha uza nemali engaphezulu kuka $6 billion. Uma seliphelile leli
chweba lizokwenza kubelula ukuthi i United Arab Emirates( UAE) ihwebe kalula nezwe lase
Sudan kanye namanye amazwe akulesiya sifunda. Lokhu futhi kungenza kubelula ukugwema
umgudu wokudlula imikhumbi i Suez Canal edlula e Egypt. Lelizwe liphinde lihlomule nge
golide(gold) elilithola ezindaweni eziqhwagwe i Repid Suport Force(RSF). Leligolide lisiza
kakhulu i RSF ukuqhuba umkhankaso wayo wezempi.
IRAN ayizwani ne United Arab Emirates(UAE), lelizwe lisiza i Sudanese Armed Forces(SAF)
ngezikhali zama drones, inhloso enkulu ukwenza izwe lase Israel kanye nezwe lase United
States of America ukuba bangabi namandla okulawula lendlela yase Sudan kanye nolwandle
i Red Sea olungaphansi kwe Sudan. Lelizwe linika i Muslim Brotherhood izikhali liphinde
lisize i Sudanese Armed Forces(SAF) ukulwa lempi yokulawula i Sudan. Kuzokhumbuleka
ukuthi ukuphuma kuka Omar Al Bashir kwabe kuwukhuqulela ngoqo wemibhikisho yabantu,

ilapho okwangenelela amasosha aholwa u LT. General Abdel Fattah Al-Burhan wahlwitha
umbuso. NGOKOMYALELO we Nhlangano yezizwe, kwakufanele u Omar Al Bashir
adluliselwe e Hague lapho ayezogwetshwa khona i International Criminal Court(ICC). Kuze
kube manje akakaze adluliselwe kulenkantolo, usaboshelwe khona e Sudan. Lokhu kusho
ukuthi akasoze agwetshwe ngamacala akhe okubulala abantu bohlanga oluthile(genocide).
Umbuso owawuholwa u Omar Al Barshir, ehlangene nezigagayi zempi ze Janjaweed
babeqotha labo abangesona isizwe sama Arab. Abantu ababeshabalaliswa izizwe zama Fur,
Masalit kanye nama Zaqhawa, lezizizwe aziwona ama Arab. Lezizizwe zazinganakiwe
umbuso ka Oma Al Barshir, lapha endaweni yase Darfour lokhu kwenza ukuthi zenze
inhlabaluhide yokukhononda(protest marches) ngezinsiza ezazingazitholi kuhulumeni.
Ilaphoke u Oma Al Barshir nombimbi lwakhe bathola ithuba lokuqotha lezizizwe
ezazingewona ama Arab. Ukhumbule ukuthi kuyoyonke lenxushunxushu i Muslim
Brotherhood yayihamba phambili ekusekeni uhulumeni ka Omar Al Barshir. Lokhu kusho
ukuthi nayo iyabaleka kakhulu ekubulaweni kwabantu laphaya e Darfour.
INGABE i Sudan iyingxe yenkantolo yezizwe yamacala obugebengu(ICC)? Ngo 2000 izwe lase
Sudan lasishicilela isivumelwane sokuzibophezela kule nkantolo yezizwe. Ngo 2008, lelizwe
lahoxisa ubulungu balo kule nkantolo yezizwe. Lokhu kusho ukuthi alinasibopho sokugcina
imiyalelo yale nkantolo. Nakuba kunjalo, ikomidi lenhlangano yezizwe lezokuphepha (United
Nations Security Council) lakhipha umyalelo wokuphoqa izwe lase Sudan ukuba lidlulisele u
Omar Al Bashir kulenkantolo ye International Criminal Court(ICC), kodwa akukenzeki lokhu.
IMPI yase Sudan isekude ukuphela. Ziningi izinto eziwumxhantela wangaphakathi
nangaphandle oyimbangela yalempi yase Sudan. Kukhona ababona ukuthi uma kuphela
impi kuyiwa evotini angeke balibone, ngakho kubona isixazululo sokuthatha umbuso
ngezikhali isona esingabasiza. Ukudonsisana kwamazwe angaphandle nokulekelela
izinhlangothi ezilwayo enye imbangela yokuqhubeka kwalempi. Kunamazwe ahlomula
kakhulu ngokuqhubeka kwalempi. Nakuba kunjalo, abantu base Sudan balahlekelwa izimpilo
zabo kulempi mihla namalanga. Sekufe izinkulungwane zabantu bakulelizwe. Babalelwa
ngaphezulu kuka 11 million abantu asebebaleke kulelizwe bayobhaca kwamanye amazwe
nakwezinye izindawo.

Mnumzane: Callistus Bheki Nkwanyana
Uneziqu ze: Masters in Governance and Political Transformation
Wayengumqondisi: KZN office of the Premier: Community Partnership and Moral
Regeneration
Ungumbhali wencwadi: “Talking to yourself, the journey to self-discovery”
Uyatholakala ku: nkwanyanacb60@gmail.com /0665445466 Ucingo / WhatAPP

Related Articles

Back to top button