Amaphoyisa adinga usizo ukuze kutholakale umndeni kamufi,eGlencoe
AMAPHOYISA adinga usizo oluzoholela ekutholakaleni kwezihlobo zomlisa ongasekho emhlabeni okusolakala ukuthi unemiyaka esukela kwengu-25 kuya kwengu-32, otholakale eseshonile, eGlencoe.
AMAPHOYISA adinga usizo oluzoholela ekutholakaleni kwezihlobo zomlisa ongasekho emhlabeni okusolakala ukuthi unemiyaka esukela kwengu-25 kuya kwengu-32, otholakale eseshonile, eGlencoe.
Okhulumela amaphoyisa esiFundeni uMzinyathi uSergeant Siyabonga Nkwanyana uthe, amaphoyisa adinga usize ukuze kutholakale umndeni kamufi.
Uthe esitatimendeni, ubude bukamufi bubalelwa kumamitha okukholakala ukuthi angu-1.75 metres , unsundu ngokwebala, owatholakala ezilengisilee-Ulzen Primary School eGlencoe ngo-ePhreli 2026.
Uqhube wathi esitatimendeni, ngenkathi etholakala wabe efake isikibha esimhlophe kanye nejini eluhlaza.
Uthe esitatimendeni, uphenyo lwesikhashana luthi ngenkathi etholakala wabe ebhale incwadi yokuzibulala (suicide note), eyatholakala endaweni yesigameko.
“Kuyo incwadi wathi unodadewabo ogama lakhe kungu Bongekile Mvelase, ohlala endaweni yaseDundee,”kusho uNkwanyana esitatimendeni.
Uthe esitatimendeni, isidumbu sakhe sathathwa sayiswa emkhazeni aseDundee, kanti sisahlezi khona njengoba kuqhubeka uphenyo.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni, amaphoyisa anxusa noma ngabe ngubani ongaba nolwazi lwezihlobo zakhe ukuba ashayele umphenyi wamacala Detective Sergeant Sonja du Plooy on 034 329 0042 noma kuCrime Stop number on 0800 10111.



