
Kugujwe iminyaka engu-30 kukhunjulwa uNdunankulu waseFrance, eVryheid
KUGUJUJWE iminyaka engu-30 kwakhothama uPrince Imperial endaweni uQweqwe, ngaphansi kukaMasipala AbaQulusi , eVryheid, ngeSonto (izolo), mhlaka 31 Meyi 2026.
Kubekwe izimbali kukhunjulwa leli qhawe.
Isitatimende esithunyelwe ngokhulumela umnyango uCogta KwaZulu-Natal uMnuz Senzelwe Mzila sithi:”Bekukhona abaNtwana baseNdlunkulu, abaholi bomdabu, i-Meya kaMasipala aBaqulusi uKhansela Sifiso Mkhwanazi, i-KwaZulu-Natala Amafa and Research Institute kanye nenxusa lase France u Alliance Francaise kanye namalungu omphakathi, kanti futhi kuphinde kwabekwa nezimbali ethuneni laleli qhawe lase France.
Uthe esitatimendeni, lokhu kusho ukuthi sekuphele iminyaka engu-30, kusukela ngonyaka u-1996, lalala leli qhawe , kanti futhi lokhu bekuhloswe ngakho ukwakha ubudlelwane kanye noxolo phakathi kwala mazwe amabili.
Kuphinde kwakhunjulwa impi eyabe iphakathi kwamaZulu namaNgisi eyabe ingo-1879 lapho kwashona khona uPrince Louis Napoléon.
“Inkosi Mdlalose ikuvezile ubuqhawe nesibindi buka Prince Louis Napoleon kanye nebutho la maZulu, njengoba kuyisifundo sokwakha ubuntu (humanity).
Uthe esitatimendeni, iNkosi Mdlalose inxuse ukuba kube nobambiswano phakathi kwalamazwe womabili kuphinde kuthuthukiswe nezokuvakasha.
Uthe esitatimendeni, uMeya Mkhwanazi wemukele abavakashi abaqhamuka kuwo onke amazwe omhlaba, ikakhulukazi lawa abavela e-France.





