Saturday, June 7, 2025
DONATE
PROFILE
  • Login
  • Register
No Result
View All Result
Izwi Lomphakathi Newspaper
ADVERTISEMENT
  • Home
    • Advertise
    • Rate Card
  • Community
  • Crime
  • News
    • Provincial
    • National
    • Politics
  • Entertainment
    • Events
  • Sports
    • Schools Sports
    • Club Sports
  • About Us
    • Terms & Conditions
    • Privacy Policy
Subscribe
  • Home
    • Advertise
    • Rate Card
  • Community
  • Crime
  • News
    • Provincial
    • National
    • Politics
  • Entertainment
    • Events
  • Sports
    • Schools Sports
    • Club Sports
  • About Us
    • Terms & Conditions
    • Privacy Policy
No Result
View All Result
Izwi Lomphakathi Newspaper
No Result
View All Result
Home Letter Community

Ziyaqhubeka izinxoxo zamaqembu ngokufuna ukubusa ngokubambisana

by Langelihle Chagwe
June 7, 2024
in Community
Reading Time: 2 mins read
A A
0
Share on FacebookShare on Twitter

ZIYAQHUBEKA  izinxoxo zamaqembu zokwakha uhulumeni wobambiswano Kuzokhumbuleka ukuthi alikho iqembu elinqobe ngowelethu kulolukhetha esiphuma lwangomhlaka 29 may 2024. Lokhu sekudale ukuthi kuvuleke izinxoxo ukuze kukhandwe uhulumeni futhi lokhu kuyiznkoma ezithi lube ngolukhululekile ukhetho lukazwelonke nolwezifundazwe lu-2024. Lokhu kuphinde kufakazelwe ukuthi akubikwanga ,zigameko zodlame ngenkathi iNingizimu Afrika ibambe ukhetho lukazwelonke nolwezifundazwe obelibhekwe ngabomvu ngamaqembu amaningi, futhi olube namaqembu abengenelo lomjaho abalelwa kwawu-52. Njengoba nemiphumela isiphumile ngeSonto mhlaka 2 June 2024, akukho kuphazamiseka kokhetho okwabikwa. Lokhu kuyizinkomba ezithi ukhetho belinokuthula futhi kungolukhululekile. Kugqamile ukuthi amaqembu abengenele ukhetho azange abe nakho ukuphazamisana ngenkathi esenza umkhankaso wawo wokugaya amavoti futhi akukho zindawo ezabikwa ukuthi bezinngo alibhadwa.  Ukhetho kuvelile nangemiphumela yalo ukuthi belikhululekile, futhi akukho lapho bekukhona amaqembu okubikwe ukuthi awazange abe nokubekezelelana khona kanti nabezindaba bebebika okuyikho. Nanxa kuke kwasabalala ezinkundleni zokuxhumana ukuthi kutholakale amaphepha okuvota nezikena eHarsmadale, KwaZulu-Natal, kanye nase Chesterville, kodwa isikhulu esiphezulu sakwa ku-IEC, uMnu Mawethu Mosery, wakucacisa ukuthi amaqembu awabeke umoya phansi lamaphepha ayesesatshalaliswe ezinkundleni zokuxhumana ukuthi kuhloswe ngawo ukwenza umkhonyovu akulona iqiniso. Lamaphepha ayehanjiswe ezindaweni ezigcina impahla ukuze kuzothi uma sekuqalwa kuyovotwa ihambe kalula iye ezikhungweni,”kwasho uMnu Mosery. Ukubhebhezela udlame kuthunaza ilungelo labantu lokukhetha uhulumeni wentando yeningi kanti kuzokhumbuleka ukuthi sike zabakhona izinsolo zokwesabisa ezazithi bazolubhikishela ukhetho uma umholi weqembu elisanda kusungulwa uMkhonto wesSizwe uMnu Jacob Zuma ,ekhishwa ohlwini lwabazomela iqembu kodwa lokho kwalungiswa. Ukubhebhezela udlame lokuthi abantu bangayi ukuyovotela uhulumeni othandwa yibo, kungokwephula ilungelo labo lokuzikhethela uhulumeni wabo nabamthandayo, kanti futhi kungokwephula umthetho. Lezi nsolo ezaziveziwe zokuthi kunamaphepha ahanjiswe kulezindawo esezibalulwe ngenhla KwaZulu-Natal , kwakungukudukisa abantu kanye nokusabalalisa ulwazi olungamampunge, okuyinto nabezindaba okungabagunyazi  ukuthi bayenze ngoba kumele balandela umthetho wezobuntatheli namapolisi azo, ukuba zibike ngokungachemi kanye nokukhululeka. “ Yingakho abezindaba kumele baqinisekise ukuthi ababiki ngezinto ezingamampunge futhi ezizodukisa abantu belawulwa umthetho mgomo wokubika kwezindaba (media law and ethic), ngoba uma bebika izinto ezingelona iqiniso bazobe bedukisa umphakathi baphinde babhebhezele udlame emphakathini.Ekugcineni ukhetho lube ngolukhululekile ngoba sisodwa kuphela isigameko esasabalalisa amampunge ngamaphepha okuvota okwakusolwa ukuthi azosetshenziselwa ukukhwabanisa amavoti ,okwacaciswa futhi isikhulu esiphezulu ukuthi lokho kungamampunge. Kumanje sikhuluma nje amaqembu abhizi emihlanganweni ngenhloso yokwakha uhulumeni wobambiswano ,ngoba alikho iqembu eladla umhlanganiso noma elonqoba ukhetho ngezinombolo ezigunyazwe umthetho ukuze libe elibusayo. Lokho kukodwa kuyizinkomba zokuthi ngoba amaqembu exoxisana ,efuna ukuthola ukuthi imaphi amaqembu angabambisana nawo kwakhiwe uhulumeni kuyizinkoma ezithi ukhetho libe ngolukhululekileyo futhi amaqembu anakho ukubekezelelana. Kanti nenhlangano i-Media Monitoring Afrika yayiluqaphe ngolokhozi ukuthi ukhetho luhamba kanjani futhi bekukhona ababengoMengameli bakwamanye amazwe angomakhelwane ,kanye nezinqapheli eziphuma emhlabeni jikelele nazo zathi ukhetho lube obelukhululekile. OyiMenenja esiFundeni Amajuba uNksz Nonhlanhla Mbonane ubonge abahlali baseMajuba ngokuqikelela ukuthi ukhetho luba ngolunokuthula nolukhululekile. Uthe nanxa kwabakhona izinselelo ezithize zokuhamba kancane kolayini baphinde babe bade kodwa izakhamuzi azidikibalanga zaqhubeka zalinda zaze zakwazi ukuvotela iqembu ezilithandayo.

ADVERTISEMENT
Langelihle Chagwe

Langelihle Chagwe

Izwi Lomphakathi Newspaper is 100 percent in IsiZulu and it was established immediated when the killer dicease Covid 19 plaqued the Globe. Publisher is an experienced Journalist with more than 21 years experience in the media fraternity. Publisher had worked for various newspapers such as The New Age,Daily Sun, Sowetan, Northern Natal Courier and other community newspapers. It aimed in promoting reading and to disseminate informatio or to inform the community at large about the news that is happening around them. It also aimed at promoting the culture of going back to basics and promote the reading using indigenous languages which is now fading. Going online will also help to educate, inform the public about news happening around them and nationally.

Related Posts

Asinakiwe isakhiwo esidala sesikole saseBlaauwbosch okwafundisa kuso uChief Albert Luthuli

Asinakiwe isakhiwo esidala sesikole saseBlaauwbosch okwafundisa kuso uChief Albert Luthuli

by Langelihle Chagwe
June 6, 2025
0
3

SESASALA sinje isakhiwo esinomlando. Isithombe. SITHUNYELWE ASINAKIWE isakhiwo esidala sesikole samabanga aphansi saseBlaauwbosch, eNewcastle, eNyakatho neKwaZulu-Natal, lapho kwakufundisa khona inqalabutho...

Kulindeleke lukhulu kowe Khaba Cup eMlazi

Kulindeleke lukhulu kowe Khaba Cup eMlazi

by Langelihle Chagwe
June 5, 2025
0
3

KUNGENKATHI kutonyulwa amaqembu azoqhudelana kwiKhaba Cup.Isithombe.SITHUNYELWE KULINDELEKE lukhulu emqhudelwaneni webhola likanobhutshuzwayo owaziwa nge Khaba Cup lapho kuzobe kuqhudelana khona amaqembu...

Ungqongqoshe kowengoma

Ungqongqoshe kowengoma

by Langelihle Chagwe
June 1, 2025
0
3

NGUNGQONGQOSHE nethimba lakhe.Isithombe.SITHUNYELWE SIHAYELWE ihlombe isenzo sikangqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natali uMfu Thulasizwe Buthelezi sokuba yingxenye yeNgoma KaZwelonke....

Kutholakale izimpahla ezingombombayi ezingabiza R400million, eThekwini

Kutholakale izimpahla ezingombombayi ezingabiza R400million, eThekwini

by Langelihle Chagwe
May 28, 2025
0
3

ZIMPAHLA ezitholakale kumakhontiyena. Izithombe.ZITHUNYELWE KUTHOLAKALE izimpahla ezingombombayi (fake) , ezingabiza imali engu-R400 million lapho kugcinwa khona impahla i-Edwin Swales, eThekwini...

Awukho umuzi ongenayo indlu yangasese

Awukho umuzi ongenayo indlu yangasese

by Langelihle Chagwe
May 20, 2025
0
3

NGUDR Vusi Shongwe. Isithombe.SITHUNYELWE KUYADINGEKA futhi kubalulekile uma omunye wethu evelele ngalokho uNkulunkulu amumbathise kona, sincome, simhalalisele. Ngihamba nobaba uDokotela...

 Kudutshulwe kwabulawa imigulukudu emithathu,e-Nanda

 Kudutshulwe kwabulawa imigulukudu emithathu,e-Nanda

by Langelihle Chagwe
May 13, 2025
0
3

SIBHAMU ezishaqwe kubulawa imigulukudu.Isithombe.SITHUNYELWE KUDUTSHULWE kwabulawa imigulukudu emithathu endaweni eyaziwa ngeZimbabwe,Amaoti, e-Nanda, ngenkathi bekudutshulwana namaphoyisa ngoMsombuluko (izolo),ntambama. Kubikwa ukuthi lesigameko...

Recommended

Kuboshwe abasolwa abathathu kwashaqwa ikhopha

Amaphoyisa ayayichitha eyokuyamaniswa kwephoyisa nesigameko sokudunwa kwemoto

8 months ago
3
Kuboshwe ababili ngokutholakala nezidakamizwa, impahla yokwebiwa

Kuboshwe ababili ngokutholakala nezidakamizwa, impahla yokwebiwa

1 year ago
3

About Us

Izwi Lomphakathi Newspaper

Izwi Lomphakathi Newspaper is 100 percent in IsiZulu and it was established immediated when the killer dicease Covid 19 plaqued the Globe. Publisher is an experienced Journalist with more than 21 years experience in the media fraternity. Publisher had worked for various newspapers such as The New Age,Daily Sun, Sowetan, Northern Natal Courier and other community newspapers.

Associations

Category

Socials

Newsletter

  • About
  • Advertise
  • Subscribe
  • Contact
  • Terms & Conditions
  • Privacy Policy
  • Cookie Policy (ZA)

© 2023 Izwi Lomphakathi Initiative is offered by SANEF

No Result
View All Result
  • Politics
  • Municpality
  • Local Business
  • Provincial
  • National
  • Entertainment
  • Events
  • Schools
  • Announcements
  • Sports
  • Community
  • Letter
  • Crime
  • People
  • Local Heros
  • Food

© 2023 Izwi Lomphakathi Initiative is offered by SANEF

Welcome Back!

Login to your account below

Forgotten Password? Sign Up

Create New Account!

Fill the forms below to register

All fields are required. Log In

Retrieve your password

Please enter your username or email address to reset your password.

Log In
Manage Cookie Consent
We use technologies like cookies to store and/or access device information.
Functional Always active
The technical storage or access is strictly necessary for the legitimate purpose of enabling the use of a specific service explicitly requested by the subscriber or user, or for the sole purpose of carrying out the transmission of a communication over an electronic communications network.
Preferences
The technical storage or access is necessary for the legitimate purpose of storing preferences that are not requested by the subscriber or user.
Statistics
The technical storage or access that is used exclusively for statistical purposes. The technical storage or access that is used exclusively for anonymous statistical purposes. Without a subpoena, voluntary compliance on the part of your Internet Service Provider, or additional records from a third party, information stored or retrieved for this purpose alone cannot usually be used to identify you.
Marketing
The technical storage or access is required to create user profiles to send advertising, or to track the user on a website or across several websites for similar marketing purposes.
Manage options Manage services Manage {vendor_count} vendors Read more about these purposes
View preferences
{title} {title} {title}