ZIYAQHUBEKA izinxoxo zamaqembu zokwakha uhulumeni wobambiswano Kuzokhumbuleka ukuthi alikho iqembu elinqobe ngowelethu kulolukhetha esiphuma lwangomhlaka 29 may 2024. Lokhu sekudale ukuthi kuvuleke izinxoxo ukuze kukhandwe uhulumeni futhi lokhu kuyiznkoma ezithi lube ngolukhululekile ukhetho lukazwelonke nolwezifundazwe lu-2024. Lokhu kuphinde kufakazelwe ukuthi akubikwanga ,zigameko zodlame ngenkathi iNingizimu Afrika ibambe ukhetho lukazwelonke nolwezifundazwe obelibhekwe ngabomvu ngamaqembu amaningi, futhi olube namaqembu abengenelo lomjaho abalelwa kwawu-52. Njengoba nemiphumela isiphumile ngeSonto mhlaka 2 June 2024, akukho kuphazamiseka kokhetho okwabikwa. Lokhu kuyizinkomba ezithi ukhetho belinokuthula futhi kungolukhululekile. Kugqamile ukuthi amaqembu abengenele ukhetho azange abe nakho ukuphazamisana ngenkathi esenza umkhankaso wawo wokugaya amavoti futhi akukho zindawo ezabikwa ukuthi bezinngo alibhadwa. Ukhetho kuvelile nangemiphumela yalo ukuthi belikhululekile, futhi akukho lapho bekukhona amaqembu okubikwe ukuthi awazange abe nokubekezelelana khona kanti nabezindaba bebebika okuyikho. Nanxa kuke kwasabalala ezinkundleni zokuxhumana ukuthi kutholakale amaphepha okuvota nezikena eHarsmadale, KwaZulu-Natal, kanye nase Chesterville, kodwa isikhulu esiphezulu sakwa ku-IEC, uMnu Mawethu Mosery, wakucacisa ukuthi amaqembu awabeke umoya phansi lamaphepha ayesesatshalaliswe ezinkundleni zokuxhumana ukuthi kuhloswe ngawo ukwenza umkhonyovu akulona iqiniso. Lamaphepha ayehanjiswe ezindaweni ezigcina impahla ukuze kuzothi uma sekuqalwa kuyovotwa ihambe kalula iye ezikhungweni,”kwasho uMnu Mosery. Ukubhebhezela udlame kuthunaza ilungelo labantu lokukhetha uhulumeni wentando yeningi kanti kuzokhumbuleka ukuthi sike zabakhona izinsolo zokwesabisa ezazithi bazolubhikishela ukhetho uma umholi weqembu elisanda kusungulwa uMkhonto wesSizwe uMnu Jacob Zuma ,ekhishwa ohlwini lwabazomela iqembu kodwa lokho kwalungiswa. Ukubhebhezela udlame lokuthi abantu bangayi ukuyovotela uhulumeni othandwa yibo, kungokwephula ilungelo labo lokuzikhethela uhulumeni wabo nabamthandayo, kanti futhi kungokwephula umthetho. Lezi nsolo ezaziveziwe zokuthi kunamaphepha ahanjiswe kulezindawo esezibalulwe ngenhla KwaZulu-Natal , kwakungukudukisa abantu kanye nokusabalalisa ulwazi olungamampunge, okuyinto nabezindaba okungabagunyazi ukuthi bayenze ngoba kumele balandela umthetho wezobuntatheli namapolisi azo, ukuba zibike ngokungachemi kanye nokukhululeka. “ Yingakho abezindaba kumele baqinisekise ukuthi ababiki ngezinto ezingamampunge futhi ezizodukisa abantu belawulwa umthetho mgomo wokubika kwezindaba (media law and ethic), ngoba uma bebika izinto ezingelona iqiniso bazobe bedukisa umphakathi baphinde babhebhezele udlame emphakathini.Ekugcineni ukhetho lube ngolukhululekile ngoba sisodwa kuphela isigameko esasabalalisa amampunge ngamaphepha okuvota okwakusolwa ukuthi azosetshenziselwa ukukhwabanisa amavoti ,okwacaciswa futhi isikhulu esiphezulu ukuthi lokho kungamampunge. Kumanje sikhuluma nje amaqembu abhizi emihlanganweni ngenhloso yokwakha uhulumeni wobambiswano ,ngoba alikho iqembu eladla umhlanganiso noma elonqoba ukhetho ngezinombolo ezigunyazwe umthetho ukuze libe elibusayo. Lokho kukodwa kuyizinkomba zokuthi ngoba amaqembu exoxisana ,efuna ukuthola ukuthi imaphi amaqembu angabambisana nawo kwakhiwe uhulumeni kuyizinkoma ezithi ukhetho libe ngolukhululekileyo futhi amaqembu anakho ukubekezelelana. Kanti nenhlangano i-Media Monitoring Afrika yayiluqaphe ngolokhozi ukuthi ukhetho luhamba kanjani futhi bekukhona ababengoMengameli bakwamanye amazwe angomakhelwane ,kanye nezinqapheli eziphuma emhlabeni jikelele nazo zathi ukhetho lube obelukhululekile. OyiMenenja esiFundeni Amajuba uNksz Nonhlanhla Mbonane ubonge abahlali baseMajuba ngokuqikelela ukuthi ukhetho luba ngolunokuthula nolukhululekile. Uthe nanxa kwabakhona izinselelo ezithize zokuhamba kancane kolayini baphinde babe bade kodwa izakhamuzi azidikibalanga zaqhubeka zalinda zaze zakwazi ukuvotela iqembu ezilithandayo.