INKANTOLO kaMantshi wesiFunda iGreytown , igwebe uMthethomusha Ndlovu (24) , udilikajele kwelokudlwengula kwaba iminyaka ewu-30, kwamabili okubamba inkunzi, kanye neminyaka ewu-15, kwelokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni. Kuvelile enkanto ukuthi lamacala enzeka ngonyaka u-2021 ngoFebruary. Kuphinde kwavela ukuthi umgilwa wabe eneminyaka ewu-19, ngenkathi elele nodadewabo , ezwa kukhona umuntu ophusha umnyango efuna ukungena ngenkani. “ Wavuka wazama ukuphusha umnyango ukuba ungavuleki, wabe esehlulwa ngamandla ngabasolwa abathathu, abaphula umnyango, kusho okhulumela amaphoyisa esiFundazwe saKwaZulu-Natal Col Robert Netshiundalini, . Uthe lezigebengu zathi uma zingena endlini ngendluzula zafina ngodli ijazi lephoyisa omakhalekhukhwini kanye nezimpahla zokugqoka. Uthe lezigilamkhuba zabe zezimphoqa lona ongumgilwa ukuba akhumule , babe sebeshintshana ngaye bemdlwengula. “ Lona wesifazane elingeke lidalulwe ibama lakhe wabe eseyobika udaba lwakhe esiteshini samaphoyisa aseGreytown, okwathi esebhizi ebhalisa isitatimende amaphoyisa angina nomsolwa owayesolwa ngelinye icala lokudlwengula omunye wesifazane,” esho. Uqhube wathi lona owesifazane ongumgilwa wabe esetshela amaphoyisa ukuthi naye wabe edlwengulwe nguyena lona. “ Icala labe selindluliselwa emaphoyiseni ophiko Greytown Family Violence, Child Protection and Sexual Offences Unit (FCS), wabe esegcinwa ezitokisini kwaze kwafika lona lelilanga lokuthi agwetshwe. Wabe esehlonzwa njengomuntu okungafanele anikezwe igunya lokuphatha isibhamu.