SEKUQALIWE ukubalwa kwezinyanga ezisele zokuthi kubekhona umjaho wamahashi oyintandokazi owaziwa kakhulu ngokuthi i-Hollywoodbets Durban July, obanjelwe eHollywood Greyville Racecourse ,minyaka yonke futhi uheha ojoki bakwamanye amazwe.
Kuvelile ukuthi owalonyaka kulindeleke ukuthi ube ngomhlaka 5 Julayi 2025.
Kubikwa ukuthi lomjaho owundabuzekwayo uzobe ugubha iminyaka engu-129 , selokhu wasungulwa futhi oheha oJoki basemhlabeni wonke jikelele kanye nezivakashi ,njengoba uwundabuzekwayo futhi unesasa elikhulu.
Kuphinde kwavela ukuthi ngelanga lomjaho kuphinde kukhangiswe ngemfashini, kuphinde kubekhona okuningi kokuzithokozisa.
Okhulumela i-Hollywoodbets uKuhle Mkize, oyiPR and Communications Manager uthe esitatimendeni, isiqubulo zakulonyaka salomjaho sithi ‘ Marvels of Mzansi’, lapho kuzobe kunandisa abantu balapha e-South Africa abanamakhono ahlukahlukene , okubalwa kubo nabaculi bakuleli abangaconsi phansi.
Uqhube wathi esitatimendeni, iculo le sizwe lizobe liculwa ngumculi ongaconsi phansi , wakuleli (National Anthem), ozomenyezelwa ngoMeyi.
“ Abazobe behambele lomjaho bazobhema bakholwe ngenxa yezinto eziningi ezizobathokozisa,” kusho yena.
“Amathikithi akulonyaka aseyatholakala eTicketpro (www.ticketpro.co.za), kanti inani labazongena bahlale endaweni ejwayelekile azobiza imali engu-R230, futhi azobe ekugunyaza ukuthi ubukele umjaho, ukunandisa, umbukiso wenqephu kanye nokudla okuphambili, futhi indawo yokupaka ngaphakathi yona izobiza imali engu-R170.
“ Kulaba abafisa ukuba zicubuthwane (VIP), abazobe behlezi ezindaweni ezikhethekile futhi bedla nokudla okuphambili , bona bazokhokha imali ethe xaxa kanti awabo amathikithi okungena kulomjaho wona azotholakala kuwebsite (www.hollywoodbetsdurbanjuly.co.za),” kuqhuba yena uMkize esitatimendeni.
Uthe esitatimendeni, lesi siqubulo salonyaka esithi “Marvels Of Mzansi”, sembulwa ngasekupheleni (unveiled late February),kukaFebhuwari 2025 , okwakungumemezela amalungiselelo omjaho i-Durban July ,kanti i-Hollywoodbets Durban July Fashion Experience yona izobe ithulwa i-Durban Fashion Fair.
Uqhube wathi esitatimendeni, lolu hlelo luzophinde luklomelise umsiki wenqephu osemncane (Young Designer Award) , esiFundazweni saKwaZulu-Natal.
Uthe esitatimendeni, ngo Juni kuzobe kumenyezelwa abadle umhlanganiso kwezokusikwa kwenqephu (Designers and DFF Rising Stars at the HDJ Fashion Preview Gala), okuzokwenzelwa e-Gateway Theatre of Shopping.
Uthe esitatimendeni, thengani amathikithi manje ningashiywa isikhathi.
“ Kuzophinde kumenyezelwe ngomhlaka 23 Ephreli 2025 ,usuku lokujoyina kwalabo abazobe bengenele umjaho,” kuphetha uMkize.