NGUNOLUTHANDO Nkabinde obengenele umqhudelwane.Isithombe.SITHUNYELWE
UNKSZ Noluthando Nkabinde oneminyaka engu-24, wase Nyanyadu, eDannhauser, KwaZulu-Natal, uqophe umlando engenela umqhudelwane wokuba nguzime ku-Miss Unity South Africa Pageant.
Ukuvezile ukuthi akakaze empilweni yakhe angenele umqhudelwane wokuba nguzime kodwa ubeqala nqa ukungenela lomqhudelwane oseqophelweni eliphezulu empilweni yakhe yonke.
Kuphinde kwavela ukuthi le ntokazi yafunda imfundo yamabanga aPhansi eMdutshulwa Junior Primary School yabe isiphuthlo umatric eMana High School.
“Ngikhuliswe ngumama wami othandekayo. Ngithole nosizo olukhulu nogqozi oluvela kugogo wami nomalume wami. Yibo abangikhulise ngothando nangesikhuthazo esikhulu,” kusho yena.
“Njengoba lo be kuwumqhudelwano wami wokuqala, angikaze ngizuze lutho kulomkhakha wozime.
“Nginqume ukungenela uMiss Unity South Africa ngoba ngibone kuyithuba elihle lokuzithuthukisa, ukukhula njengomuntu, nokumela abantu bakithi baseDannhauser nabaKwaZulu-Natal, jikelele. Bekuyisifiso sami esikhulu ukuba sezingeni likazwelonke,” kuqhuba uNkabinde.
“ Ngakhuthazwa ngumama , ugogo kanye nomalume wami kusukela ekuqaleni, kwaaze kwafika ekutheni ngingenele lomqhudelwane.
“ Ukukholelwa kwabo kimi nokungeseka kwabo njalo yikho okungenze ngaba nesibindi sokuthatha lezi zinyathelo, zokungenela lomqhudelwano,” kusho uNkabinde, eqhuba ethi.lolu hambo oluya esiteji sikazwelonke sobu Miss Unity South Africa, noma ngingathathanga mqhele, lube yisisusa esinamandla sokukhula kwami njengomuntu.
Uthe esitatimendeni, ukunyathela ngaphandle kwendawo yami yokunethezeka ,nokwamukela izinselelo zomncintiswano kwembule ubuqhawe obungaphakathi kimi, engangingaqapheli ukuthi nginabo.
“Ngifunde ukubaluleka kokuzithiba, amandla okuziveza ngobuqotho, nesibindi sokulandela iphupho, noma lingabonakala liyinselele kangakanani ekuqaleni,” kusho uNkabinde
Uthe esitatimendeni lolu hlelo lungifakazele ngokuqonda okukhulu ngami kanye namandla ami.
“Ngaphezu kwalokho, le nkundla ikhulise ukuzibophezela kwami emkhankasweni wami: ‘Ukuphula Imigoqo,’ okugxilwe kukho kulo nyaka impilo yengqondo (Mental Health),.
“Ngikhula, ngabona ngawami amehlo izinqinamba ezithile ezibhekana nabantu abaphathwa isifo senqondo,okuyisifo esivame ukufihlwa ngenxa yobuhlungu nokungaqondi.
“Ukuphula Imigoqo’ kimi kusho ukuqeda lezi zindonga zokuthula nokukhuthaza izingxoxo ezivulekile (debates), mayelana nenhlalakahle yengqondo,” kulanda yena.
Uqhube wathi esitatimendeni, kumayelana nokumela izinsiza ezitholakalayo, ukukhuthaza uzwelo nokuqonda, nokuqinisekisa ukuthi impilo yengqondo iphathwa ngokubaluleka okufanayo nempilo yomzimba.
“Okuhlangenwe nakho kwami kule nkundla kazwelonke kunginikeze izwi elinamandla lokumela le nkinga nokuxhumana nabantu nezinhlangano ezisebenzela umgomo ofanayo.
“Kwabesifazane abasebasha abasenamaphupho amakhulu futhi abalwela ukufinyelela eqophelweni eliphezulu, iseluleko sami yilesi ‘Take Up Space’.
“Izwi lenu liyadingeka, imibono yenu inenani, nokuba khona kwenu kubalulekile,” kusho uNkabinde
“Ningavumeli ukungazethembi, kanye nemibono yabantu ikucindezele kuphinde kunciphise ukukhanya kwenu.
“Kholelwani inani lenu elingokwemvelo namakhono ahlukile eninawo, funani amathuba anenselelo noma ngabe ezwakala esabisa.
“Yamukelani ukwehluleka njengendlela yokufunda, hhayi isiphetho, zizungezeni ngenethiwekhi (network), yabantu abanisekayo , abanikhuthazayo kanye nabanibaphakamisayo, futhi okubaluleke kakhulu, bekani impilo yenu yengqondo phambili (Mental Health).
“Londolozani ingqondo yenu, funani usizo lapho niludinga khona, futhi nikhumbule ukuthi impilo yenu yengqondo iyisisekelo lapho yonke impumelelo yenu izokwakhelwa khona,” kusho uNkabinde.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni, phulani imigoqo yokwesaba nokuzincisha, bese ninyathela ngesibindi, ekugcwalisekeni kwalokho enimele ukuba nibe yikho. Amandla enu awanamingcele, sekuyisikhathi sokuwavula.