ABASOLWA abathathu bagwetshwe iminyaka engu-28, emva kwelokulahlwa amacala okubamba inkunzi kuhlonyiwe. USiyabonga Kubheka kanye Thulasizwe Mhlongo, bagwtshwe inkantolo yesiFunda i-Dundee, iminyaka engu-15 umutu ngamunye emva kokulalwa icala lokubamba kuhlonyiwe. Lenkantolo esibalulwe ngenhla igwebe uKubheka NoMhlongo, emva kokuba belahlwe icala abalenza ngonhlolanja wangonyaka ophelile , lapho bavulelwa icala lokubamba inkunzi e-Glencoe. Kuvelile enkantolo ukuthi laba bathathela owesifazane izimpahla zakhe base beyamgwaza. “Icala labasolwa lavulwa esiteshini samaphoyisa aseGlencoe, kwabe sekujutshwa uCapt Maharaj , ukuba aliphenye lelicala, wabe eskwazi ukubopha abasolwa ababili kanti nommangali kulelicala wakhona ukubakhomba mhla kuthiwa akakhombe abambamba inkunzi. Laba asebegwtshiwe banqatshelwa ibheyili ngoba kwabe sekubonakala ukuthi indawo yaseGlencoe iyisizinda sokubanjwa kwenkunzi kuhlonyiwe. Okhulumela amaphoyisa ngaphansi kwesifunda Umzinyathi, uConst Siyabonga Nkwanyana uthe laba bobabili banqatshelwa ibheyili ngoba sebeze bagwetshwa mhlaka 30 October 2023, emva kokulahlwa ilamacala elokubamba inkunzi kanye nelokugwaza. Kwe;inye icala elifana naleli kodwa elingahlobene nalo yona lenkantolo esibalulwe ngenhla, igwebe, uNkosikhona Sibisi iminyaka engu-13 ngokubamba inkunzi ehlomile. Kuvelile ukuthi lomlisa nabanye baya emzini thizeni lapho bafika bantshontsha ubucwebe ngenkani ngoba babebamba inkunzi behlomile. Kuphinde kwavela ukuthi inani lobucwebe obathathwa bubiza imali engu-R17 000, kanti umphenyi wecala bekunguWO Nkabini. Ukhomishana wesiFunda Umzinyathi uMaj-Gen Slambert , uzishayele ihlombe lezigwebo , wathi zothumela umlayezo kulabo abasafiiza ukuganga ukuthi ingalo yomthetho inde kabi ikuthola ungasazelele. Uphethe ngeke baphumule kusekhona abantu abazitshela ukuthi bazobamba inkunzi kuhlonyiwe , futhi bahlalise kabi abahlali. Uphinde wancoma amaphoyisa ngokusebenza ngokukhulu ukuzikhandla ukuthi labantu ababamba inkunzi bagcine begwetshiwe.