KUBOSHWE imigulukudu engu-13 579 ngenyanga ka Ephreli KwaZulu-Natal, ngamacala ahlukene kwashaqwa izibhamu kanye nezinhlamvu eziningi.
Kubikwa ukuthi kushaqwe izibhamu ezingu-313, ezingu-26 ezohlobo lwesibhamu esingimjojantaba (rifle), kwatholakala izinhlamvu ezingu-3 806.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Paul Magwaza uthe esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, kuboshwe abasolwa abangu-13 579 , ngamacala ahlukahlukene.
“Imigulukudu engu-3 336 iboshelwe amacala okubulala, awokuzama ukubulala kanye nawokudlwengula,” kusho yena esitatimendeni.
Uqhube wathi esitatimendeni, abangu 1 540 bebethungathwa ngamacala okushaya ngenhloso yokulimaza , abangu-194 , baboshelwe ukubamba inkunzi kwathi abangu-178 bona bebefunelwa amacala okudlwenula.
“ Lokhu kwenzeke ngezinsuku ezingu-30 kuphela,” kusho yena esitatimendeni, eqhuba ethi, kwathi abangu-156 baboshelwa amacala okubulala ,kwathi abangu-140 baboshelwa awokuzama ukubulala.
Uphinde wakuveza ukuthi amaphoyisa ayalwisana nokubhenywa kanye nokushushumbisa kwezidakamizwa, kanti lokhu kubonakaliswa ukuboshwa kwabangu 1 863 ngamacala ayamene nezidakamizwa.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni amaphoyisa asesiFundazweni saKwaZulu-Natal asebenza ngokukhulu ukuzikhandla ekulwisaneni nobugebengu obuhlukahlukene.