KUNGENKATHI kugujwa usuku lwabaphila nebala elimhlophe eSizamokuhle. Izithombe.ZITHUNYELWE
LUGUJWE ngempumelelo usuku lokuqwashisa abantu ngabaphila nebala elimhlophe (International Albinism Awareness Day), ngokuvakashela esinye sezikole samabanga aphansi i-Sizamokuhle Primary School, eLister, ngaphandle kwaseMadadeni, eNyakatho neKwaZulu-Natal, ngeviki elendlule.
USihlalo we Albinism eMajuba uMnuz Simanga Kunene uthe esitatimendeni, besihambisana noMnyango wezeNhlalakahle (Social Develoment), uMasipala waseMajuba kanye nenhlangano i-Disability I Matter Foundation , ngenhloso yokuzoqwashisa abafundi ngabantu abaphila nebala elimhlophe.
Uthe esitatimendeni,” Singabantu nathi sinegazi elifanayo nelenu.”
Uthe esitatimendeni, lolu suku laphasiswa inhlangano yezizwe yomhlaba wonke (United Nations), phecelezi UN, njengoba kulonyaka lolu suku belugujwa okweshumi nanye, selokhu laphasiswa.yi UN.
UMnuz Kunene uthe esitatimendeni , ngikhulumile nezingane zesikole ukuthi zingabacwasi abaphila nebala elimhlophe.”
“ Ngikhulume nezingane eziphila nebala elimhlophe ukuthi kumele zizivikele kanjani futhi baliqonde ibala elimhlophe, nokuthi umuntu ophila nalo ibala elimhlophe udinga ziphi izinsiza.
Uphethe ngokuthi wonke umuntu ophila nebala elimhlophe kumele abe nezinsiza ezifana nezibuko, afake isigqoko, avikele ilanga ngokugcoba umuthi wakhona wokulivikela (sunscreen).
