NGUDOKOTELA VUSI SHONGWE
NGINENKOLELO ethi wayengeyedwa uNdunankulu weSifundazwe saKwaZulu-Natal, umhlonishwa uThami Ntuli ekhetha amalungu esigungu sokuphatha esiphezulu. uJehova uqobo lwakhe cishe waphunga inkomishi yetiye noMphemba izikhathi eziningana, echazela uGodide izizathu ezaholela ukuba aqoke abaholi abayingxenye yesigungu esiphezulu. Nginakho emqondweni ukuthi uNkulunkulu wathi kuMphemba khululeka ngoMthombeni kanye no Shenge ( MEC Siboniso Duma and MEC uMfu Thulasizwe Buthelezi), ngikhulumile nabo kakhulu ukuthi ukuhixizisana kwabo kwaCeza angikuthandanga. Esehamba uNkulunkulu, ukunikeza uMphemba isikhathi sokugoqa izinhlelo zokuqoka amalunga esigungu sakhe, nginakho ukusola ukuthi, emoyizela, uNkulunkulu wathi kuMphemba isizwe silindele ubuholi obuqotho nobukhaliphile kumhlonishwa uDuma kanye nomhlonishwa uMfu Buthelezi. Kanjalo nina beSilo, ngiyakholelwa ukuthi izinyanya zikakhongolose kanye nezeNkatha zamvakashela uMphemba ukuzomqinisa idolo ukuthi ziyahambisana nalabo abaqokile esigungwini sakhe esiphezulu. Empeleni, kwaqala ngaye uMphemba ukuba uNkulunkulu afake isigxivizo sokumamukela njengomholi weSiFundazwe, kwalandela izinyanya nazo ezathi ngelethu.
Nina beSilo, uma kukhona into okufanele njengesiFundazwe sifunde ukuyijabulela impumelelo kanye nokuvelela kulokho esikusungulayo kanye nalokho esihamba phambili kukho. Ukusebenzisana phakathi kwe-ANC kanye ne- IFP eminyakeni elishumi endlule kwakungathiwa umuntu akaphilile ekhanda uma engathekisa ukuthi kuyokwenzeka esiFundazeni saKwaZulu- Natal. Ngikhuluma ngesiFundazwe lapho khona udlame lwezepolitiki ladlula khona nemiphefumulo engaphezu kwezinkulungwane ezingamashumi amabili. Lesi isikhathi ngabe siyabhiyoza siqhamuka nezinhlelo zokusiza bonke abakhahlamezwa udlame. Kuyajabhisa ukuthi esikhundleni ngabe sijabulela umoya omnandi ohelezayo wokuzwana, kukhona abanye abasakhulekela umoya wenzondo. Abakhohlwe nina beSilo. Kukhona uguquko oluyisimanga olwenzekayo kulesiFundazwe. Izolo kufihlwa uNdlunkulu uNtombela owayegane uMntwana uMcwayizeni owake wabamba isihlalo soBukhosi ebambele uMdlokombane, cishe bonke ubuholi bukaKhongolose kanye neNkatha budele ubukhazikhazi bomjaho wamahhashi eThekwini ukuzothambela inkonzo yokuvalelisa uNdlunkulu. Lal’uphumule Mahlobo omuhle! Mina siqu sami ngiluzwile uthando lwakho, oluNdlunkulu uZungu, Umntwana uFihlinqindi kanye noNomtwana uZeblon – njengezinsika zeNdlunkulu kaZulu.
Ngiyafisa ukuthulela isigqoko ubuholi bonke, ikakhulukazi bukaKhongolose kanye neNkatha ngobuholi obuvuthiwe nobuqotho abakutshengise ngokudela ubukhazikhazi bobumnandi kodwa babona kufanele ukuhambela inkonzo yokuphelezela uNdlunkulu uNtombela.Ngiphawula ngindlula. Ngiyafisa ukugcizelela ukuthi alikho iphutha ukuthi abantwana baseNdlunkulu babe ngamalunga anoma iliphi iqembu kwezepolitiki. Ngikusho lokho ngoba ngazi kahle ukuthi abanye babantwana bagcina sebemosha izinhlelo ezibakhona ngokuzifaka kwipolitiki ngefasitela, hhayi ngomnyango kubuka wonke umuntu.
Ngivumeleni nokho nobuholi bukaKhongolose kanye neNkatha ukuthi muva nje nibukeka “to have dropped the ball” ekusingatheni izinhlelo zaseNdlunkulu. Kukhona ukudembesela nokuphela komndlandla engingangabazi ukuthi icala elisenkantolo ngesihlalo sobukhosi limnothelela omkhulu. Inkonzo yokuphelezela uNdlunkulu uNtombela ibe ithuba elilahlekile ekufundiseni isizwe. Ngiqinisile ngithi uma kungenziwa ucwaningo namhlanje, ikakhulukazi entsheni, bambalwa abangachaza umlando kaNdlunkulu uNtombela ngendlela efanele. Sengichazile ukuthi uNdlunkulu wayegane uMntwana uMcwayizeni owake waba ibambabukhosi ebambele uMdlokombane. Ukuba yingxenye koNdlunkulu uNtombela kumlando kaMntwana uMcwayizeni kimi kuthi bekufanele ubuholi besiFundazwe bucele ukuthi uNdlunkulu uNtombela athole umngcwabo okhethekile wesiFundazwe. Ngamafuphi, isizwe sibhatshazile ngokungahleli imicimbi yokukhumbula uNdlunkulu uNtombela. Okuyisilonda esikhulu kimi ukuhamba emhlabeni kwensika yobukhosi bakaZulu ngesikhathi iNdlunkulu ihlukene phakathi.
Ngiyafisa ukungaphumi kumongo wombhalo wanamhlanje ngokuthi ngincome ukusebenza okuvelele kwabaholi besiFundazwe. Sengikusho izikhashana ukuthi uMhloniswa uDuma usephenduke waba intandokazi kubantu ngenxa yokuzikhandla kwakhe azifikele yena mathupha lapho kunenhlekele. Okwamanje, uMthombeni uzihambela yedwa ekuletheni ushintsho ezimpilweni zabantu. Ngiyobe angibenzi ubuntu uma ngingagaguli iqhaza elibanjwe ophethe kwesokuxhumana somhlonishwa uMthombeni. Lapha ngikhuluma ngensizwa esimkantshubovu kwezokuxhumana, uNdabezinhle Sibiya.
Sengike ngaphawula ngaphambilini ukuthi uMfu Buthelezi ongomunye wabaholi abahlakaniphile uNkulunkulu asiphe bona. Kubukeka ngathi uNkulunkulu wayebagcoba oMthombeni noShenge lapha kwaCeza ngokudonsinsana kwabo. Namhlanje sikhuluma ngabo sizigqaje. Uyancomeka umsebenzi owenziwa uShenge ekunikezeni Amakhosi amandla, kungaba amandla olwazi ngokuphathwa kanye nobuholi, ikakhulukazi, umuntu uncoma umnikelo kaShenge wokusungula usizo lwezempilo kanye nempesheni yaMakhosi.
Ngifisa ukuphawula ngodaba oludinga umuntu onesibindi kulokho akholelwa kukho. Ngikhula e- Ermelo- eMpumalanga province, ngihlala nokhokho, kubonakala impilo inzima, ugogo wabe eseqashisa amakamelo amabili ilunga lebandla esasikhonza ndawonye nalo. Konke kwaqala kahle kodwa konakala uma kutholakala ukuthi ilunga lebandla lenza umkhonyovu lashintsha igama likakhokho kwitayitela lafaka igama lalo. Ngaphambi kokuba kwenzeke lokungcola, ngavuka umbejezane owaqedwa ubaba wami ngokushesha ethi ngimcane akufanele ngizifake ezindabeni zabantu abadala. Empeleni kwaba kubi ngoba ubaba waze wangishaya ngempama.Kuthe uma kuvela ukuthi ugogo akasenayo indlu, idliwe ilunga le bandla, ngaba magange ngilindele ukuthi ubaba athi kwenzeka iphutha Vu-boy; ngiyaxolisa. Sekungumlando ukuthi ubaba akaxolisanga kodwa zikhona izimpawu ezithize azikhombisa ezazitshengisa ukuthi yobe mfana wami.
Ngibone kufanele ngiyindlalele kanje indaba kaMfu Buthelezi kanye nodaba lwakhe lokususwa ukuba uNdunankulu kaZulu. Angangiphikisa ofisa ukungiphikisa. Undunankulu kaZulu uMfu Buthelezi. Lingawa licoshwe ilanga uma abantu balindele ukuthi iNgonyama izothi nina beSilo kwenzeka iphutha ukuphuma kwencwadi ehoxisa igama likaMfu Buthelezi njengoNdunankulu kaZulu. Ngeke kwenzeke lokho. Iqiniso kodwa limile. Izinkomba zithi uMfu Buthelezi uNdunankulu kaZulu. Akugcini lapho, asivumeni nina beSilo. Umfundisi Buthelezi uzihambela yedwa ekuthuleni iNgonyama. Anginawo amahloni okusho ngingomunye engingamthokozelanga uMfu Buthelezi uma eqokwa ukuba uNdunankulu. Akugcinanga lapho. Sike sangaboni ngaso linye ngemibhalo yami lapho ngangiphawula ngeNdlulamithi. Namhlanje konke ukungaboni ngaso linye sekungumlando ngoba sisibi isimo singabukani, uShenge uzongibhalela encoma umbhalo othize engiwubhalile. Nangaphandle kwalokho, ngake ngabhalela uDokotela Zweli Mkhize ngimbikela ukuthi siyahukana noMfu Buthelezi, uKhabazela waphendula ngokuthi akukuhle thina esisondelene nobukhosi siklwebhane. Khabazela! Ngiyohlala ngikuhlonipha njalo. Kanjalo omunye wabantwana obuchopho bakhe bujule into esimanga, uMntwana uZola Dotwana, waphawula wathi isizwe siyanidinga nobabili noMfundisi Buthelezi. Ngiyakuvuma mina Shenge. UNkulunkulu ukuphile ubuholi nobuhlakani.Mthombeni, Mhlonishwa uDuma, wena usufana nomfowethu. Iyodwa kuphela into eyangiphatha kabi ngawe. Ngakubona ubhiyoza eMoses Mabhida mhla iKaizer Chiefs ishaya ezami, Orlando Pirates 🙈🙈🙈. Mfundi, ngingomunye wabagxeka uMthombeni ngesehlakalo sakwaCeza. Ngiwokuqala obhale ngoMthombeni ngibabaza ukuzalwa kwakhe kabusha. Ngangikulindele ukuthi angangithandi ngokumgxeka kodwa lutho. Wavuka, wazithithinta waqhubeka nempilo. Wenza njalo umholi Mthombeni. Namhlanje abantu abathi ungumholi, hhayi wena. Ulithemba lamathemba.
Mphemba, Ndunankulu wesiFundazwe, akuyona into encane ukuhola isiFundazwe esivelele njengesiFundazwe saKwaZulu-Natal. Ngalesikhathi uNkulunkulu ukukhethile ukuthi ube isitsha esiqukethe konke okudingwa izidalwa zikaNkulunkulu. Ngiyathandaza kuJehova ukuthi ebuholini bakho ungaphazamiseki ekuletheni ushintsho ezimpilweni zabantu. Ngikushiya nomphako ovela ku-Henry Ford othi: Obstacles are those frightful things you see when you take your eyes off your goal.”