NGUMEYA uThembisile Mchunu.Isithombe.SITHUNYELWE
UMASIPALA wesiFunda uMzinyathi uvule izikhala zomsebenzi kubantu abangu-232 abazoqashwa kubo bobane oMasipala abangaphansi koMzinyathi okuyi-Nquthu, i-Ndumeni,uMvoti kanye noMsinga.
Kubikwa ukuthi le nqwaba yabantu ezoqashwa izosebenza ezindaweni ezahlukene okubalwa kuzo ukuhlanza idolobha, ukuhlanza kuziphehlimanzi zethu, ukulekelela ophikweni lwamanzi uma kunamapayipi aqhumile nokuhlanza ngaphakathi ebhilidini likaMasipala.
Isitatimende esithunyelwe ngokhulumela uMasipala uNkk Thandeka Ngobese sithi:” uMasipala wenza lokhu njengengxenye yokuzama ukubhekana ngqo nokusweleka kwamathuba emisebenzi entsheni, ububha nendlala.
UMeya uKhansela Thembisile Mchunu uthe esitatimendeni , abantu abaningi abazoqashwa yilabo abakwi-indegent register ngoba bafuna ukubhekana ngqo nobubha.
“Ukuqasha kuhlukene kabili kukhona abawu-82 abazongena kwaMaintaince labo bazohola ngaphezulu kukaR10 000 ngenyanga bese kuba yilaba abangaphansi kwe Extended Public Works Programme (EPWP ), abasebenza izinsuku eziwu-12 ngenyanga,” kusho uMchunu esitatimendeni.
“ Siyazi ukuthi akwanele ngoba lukhulu usizi emphakathini yethu kodwa lokhu kuzokwenza umehluko omkhulu,” kusho uMeya. UMeya unxuse abantu ukuthi bafake izicelo kusenesikhathi bangaphuthwa ithuba eliyingqayizivele njengaleli. Ukufakwa kwezicelo kuvalwa mhlaka