ABAFUNDI bakamatikuletsheni basayinde isivumelwano sokuthi bazobhala izivivinyo zabo ngokwethembeka! Lokuzibophezela kwabafundi nokusayinda kufakazelwe uSekela Ngqogqongqoshe weZemvundo kuZwelonke uDkt Regina Mohaule, uNgqongqoshe weZemvundo KwaZulu-Natal, uNksz Mbali Frazer, izimenenja zomnyango, izinyunyana, abazali, othisha , abafundisi bamabandla ahlukene. Labafundi bazibophezele ukuthi bazoyilandela yonke imigomo nemibandela kanye nokuzithoba ngesikhathi sezivivinyo zokuphela konyaka. Lemigomo nemibandela abasayinde ngaphansi kwayo emayelana ne-National Senior Examination , ezigunyazwe umnango wezemfundo. Ngokusho kokhulumela uMnyango weZemfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, abafundi abebekhona kusayindwa nokuzibophezela okwenzeke esikoleni samabanga aPhezulu i-Ferrum High School, bebemele abangu-723 000, abazobhala lezivivinyo zokuphela konyaka kuZwelonke. UNgqongqoshe UNks Mbali Frazer ukuthaze abafundi ukuba abenze okufanele ukuze babe nekusasa eliqhakazile, bangenzi okuphambene nomthetho ekugcineni sebebekezele unyaka wonke. “ Sibambisane nazo zonke izinhlaka zezemfundo kanye nezinye sizoqikelela ukuthi akukho okuphambene nomthetho okuzokwenzeka ngenkathi kubhalwa lezivivinyo.,” kusho yena , eqhuba , ethi sizoqinisekisa ukuthi akukho amaphepha emibuzo kanye nawokubhalela, ukuthi awaphutshuki. Uthe amaphepha okubhalela kuzoqikelelwa ukuthi kufika ngesikhathi ukuze abafundi babhale ngaphandle kwezinqinamba. Uphinde wanxusa abazali ukuthi bazame ngawo onke amandla abo ukuthi abantwana babanika ithuba lokutadisha futhi babanike umsebenzi omncane kakhulu wasekhaya, ukuze bagxile esebemzini wabo wesikole. USekela Ngqongqoshe uDkt Mohaule uthe abantwana babhekana nezinselelo eziningi beqala ukungena emabangeniaphezulu, ngoba kwaba nombheduka wobhubhane lwesiso i-Covid-19, kwaba ukuluthwa ngo-Juy 2021 kwabe sekuba yizikhukhule ezandlula nemiphefumulo emining zaphinde zashiya abantu bengenamakhaya. Uncome kakhulu amathishela ngokuzibophezela nangokuqinisekisa ukuthi basebenza kokukhulu ekubuyiseni isikhathi esilahlekile. Uphinde wabonga amathishela adela isikhathi sawo afundise ngamaholidi nangezimpelasonto ngoba ebeka imfundo phamphili. Uqhube wathi sekusele izinsuku ezingu-9, kuphela ukuba ziqale izivivinyo abafundi abafake umfutho wokugcina. Uthe uyabacela abafundi ukuba babukeze amaphepha abhalwe eminyakeni endlule ukuze bezobona ukthi kubuzwa kanjani, futhi bangathuki uma sebengene ezindlini zokubhalela izivivinyo. Uthe amathishela awangapheli amandla awaqhubeke ngokuzibophezela aphinde anikele ngesikhathi sawo ukuze kuphuculwe izimpilo zabantwana. Umfundi waseFerrum uRivon Kaliden, uthe bengabafundi bazibophezele ukuthi nngeke basidicilele phansi isithunzi sabafundi ngokukopela nangokungaziphathi kahle ngenkathi bebhala izivivinyo zabo. Uthe sizodlala indima yethu enhle njengabafundi. Emva kokusayinda lesivumelwano abaholi bamabandla ahlukene babe sebekhulekela labafundi bebafisela impumelelo bethi noNkulunkulu abalonde abaphe amandla bangavelelwa yilutho okubi ngenkathi bebhala izivivinyo zabo.