ABANCELISWE abantwana! Lamazwi ashiwo ngumphathi womtholampilo waseGreenock uSister Ngwenya, ngenkathi bekunokuqwashisa komama kuphunde kwaziswe omama ngokubaluleka kokunceliswa abantwana ibele. Uthe kubalulekile ukuncelisa umntwana ibele ngoba kumvikela emagciwaneni kanti futhi kuyenza ukuthi umama nomntwana bazwane futhi ubisi lwebele lunomsco namanzi asuke edingwa umntwana esemncane. “Umama onjani osaba ukuncelisa umntwana ibele ngoba kubalulekile,” esho. Uphinde wagqugquzela izakhamuzi ukuba ziwuvakashele umtholampilo. uNksz Lindiwe mpungose ukugqugquzele ukuthi abantwana abanceliswe ibele. Zinke izikhulumi ebezikhona bezisho ukuthi umntwana kumele anceliswe.