I-HOLLYWOOD Foundation ibambisene nemanqoba Mngqithi Foundation , bazibophezele ekutheni intsha bayayithuthukisa ebholeni likanobhutshuzwa. Lokhu kulandelwa ukuthi i-Hollywood Foundation ikhiphe isimemezelo sokuthi bazosizana neManqoba Mngqithi ekuthuthukiseni ibhola likanobhutshuzwao eMzimkhulu. Lesi simemezelo senzeka nje kanti kunemdlao wamanqamu okulindeleke ukuthi udlalwe amakilabhu mhlaka 27 july 2024, ezinkundleni zemidlao i-Turf eMzikhulu ngaphansi kwe-Harry Gwala District Municipality. Kuvelile ukuthi lomqeqeshi ebambisane nayo i-Hollywood bazimisele ekugqugquzeleni intsha ukuthi izimbandakanye nebhola likanobhutshuzwayo. “ Sizizwa sijabule kakhulu ukuba sizimbandakanye kanye noManqoba Mnqithi Foundtion ukuze sithuthukise ibhola lezinyawo,” kusho okhulumela iFoundation uVuyisile Ngobese. Uthe bona abakhethile ukuthi ingabe ibhola labanti besifazane noma elabesilisa kodwa bayalixhasa kakhulu.. OyiCSI Manager kwi-Hollywood Foundation uMnu Mpho Dintwa uthe inhloso yabo ukukhulisa intsho nokuyigqugquzela ukuthi izimbandakanye kwezemidlalo. Uthe sijabule kakhulu ukba sibe nobambiswane neManqoba Foundation, ngoba sifuna ukuthuthukisa izifunda kwezemidlalo futhi intsha ivulekelwe amathuba okuyodlalela amaqembu aphezulu. Uthe sifuna ukuyikhulisa nethonamenti, ukuze sinikeze intsha engaphansi kweminyaka ewu-21 , amathuba Amahle nekusasa lokuyodlalela amaqembu aphezulu kwiPremier Soccer League. Uqhube wathi siphinde safaka amakilabhu abantu besifazane abasebancane ukuba bathuthukiswe nabo. UMnu Manqoba Mnqithi uthe sifake namaqembu abesifazane abasebancane ukuthi bathuthukiswe nabo. Uthe lethonamenti ebuye ixhaswe i-South African Football Association, efaka amaqembu ase-Harry Gwala, amanye azoba edlala imidlalo eyandulela eyamanqamu. Baphethe ngokuthi lethonamenti kuhloswe ngayo ukushiya ibalazwe (legacy), ukuze kube inqophamlando wokuthi kwake kwathuthukkiswa intsha kulesiFunda i-Harry Gwala. Babe sebenxusa ukuba abezindaba babe yingxenye yalomqhudelwane oyinqophamlando.