AMAPHOYISA aseNewcastle asephume umkhankaso wokuqwashisa abafundi ngobubhoklolo ngoba zivuliwe izikole kulonyaka ophezulu u-2024! Athi ububhoklolo into eqhubekayo nsukuzonke ezikoleni, ngoba abafundi abaningi basebenzisa Amandla ukuveza bona ububhoklolo. Athe ububhoklolo benzeka ngezindlela eziningi okubalwa kuko ukuthuka, ukuhlekisa ngesici somunye, ukushaya kanyeKanyefaka omunye umfundi ezinkundleni zokuxhumana engathandi. Okhulumela lesiteshi esibalulwe ngenhla uNkk Lizzy Arumugam, uthe lobubhoklolo kuyenzeka benziwe ngumfundi oyedwa noma idlanzana labo lisebenzisa Amandla phezu komunye. Uqhube wathi lento yobubhoklolo ayilawuleki. “ Lobu bhoklolo buyenzeka kusetshenziswa izinkundla zokuxhumana,” esho. Uqhube wathi lokhu kwenziwa ngendlela yokuthi baqophe izinto ezimbi ngawe bese bezifaka ezinkundleni zokuxhumana. “ Ububhoklolo benza ukuthi uhlale wethukile, wesaba , ungavikelekile, unomzwangedwa, uzinyeza futhi uzibone unephutha ongalenzanga,” kulanda yena. Uthi impilo yakho iyashintsha kakhulu uma ubhekene nalenkinga futhi ungagcina uphanjanelwa yikhanda, futhi ungaba nengcindezi yomqondo. Uthe ububhoklolo obuhlose ukuhlukumeza ngokomzimba kubalwa kuko ukuphushwa, ukushaywa , ukukhahlelwa, ukusabisa ngokwenza lokho, ukuntshontshelwa, ukufihla into yomuntuukumemeza umuntu uphinde umenzise into angayifuni. “ Ububhoklolo bamazwi bona bufakwa ukucwaswa komuntu, abizwe ngamagama okungasiwo awakhe, ukumhleka, ukmqabela ukuthi akhulume nabathile,ukufafaza amanga ngaye Kanye nokumdelela. Lokhu kucwasa kwandile kakhulu kubuchwepheshe besimanje manje. Uqhube wathi uma ubhekene namabhoklolo ungazisoli wena, ngoba akusilo iphutha lakho. Uthe noma ngabe umuntu uthini kodwa ungazisoli wena, zethembe wena , noma ngabe ibhoklolo noma amabhoklolo athini kuwe. “ Uma unalenkinga kumele ubikele umzali , uthisha Kanye nekhansela kusaqala , ungalindi kuze kuhambe isikhathi, elanda, eqhuba ethi ukuyobona ikhansela akusho ukuthi khona okuyiphutha kuwe. Uthe ayikho indlela ongalwisana ngayo nobubhoklolo ngaphandle kokububika kwabadala. Ungabugwema kancane ngokuthi uzikhontilole wena, uqhelelane namabhoklolo, ngoba bafuna ukukuphilisa kabuhlungu. “Ungabi nentukuthelo ezokwenza ukuthi uze wenze into embi kubo ziqhelelanise nawo, ungaphinde uxhumane nomngani wasekhaya omethembayo ukuze ubike lokhu. Kuphinde kwavezwa ukuthi abazali kumele bazinake izingane zabo ukuze bezobona izingane zobubhoklolo kuzona ngoba ingane ishintsha indlela eziphatha ngayo, ungasenzi kahle ezifundweni, ifike nezibazi, ingasafuni ukuya esikoleni iphinde ifuna ukuzivalela endlini yodwa ngenxa yalesihlava sobubhoklolo, obuhlangile ezikoleni eziningi futhi osekundlule nemiphefumulo yabafundi abaningi. Izimpawu ongabona ngazo ingane ukuthi iyahlukunyezwa, ukuhlala idangele noma ithukuthele , iba namaphupho amabi, ingachazi ukuthi ilinyazwa yini, ingasafuni ukundlala nezinye izingane. Uphethe ngokuthi kumele uqikelele ukuthi othisha abazali Kanye nabangani bayazi ngokuhlukunyezwa kwengane yakho.