AMAPHOYISA athi budla lubi ububhoklolo ezikoleni! Kuvelile ukuthi ububhoklolo ibona obudala uthuthuva ezikoleni eziningi. Kuphinde kwavela ukuthi lokhu kuphinde kudale ukuthi kubekhona abafuna ukubonisa Amandla kanye nokhlonishwa. “ Lokhu kusuke kuhleliwe ukuthi akuhlukunyezwe abanye abantu , kungaba ukukhuluma kabi kanye nokushaya. Ziwu-4 izindlela lapho kubonakala khona ukuthi kunobubhoklolo: eyokuqala ukuhlekisa ngomunye umuntu, ukumbandlulula, ukumshaya kanye nokuhlukumeza ngenye indlela ehlukile,” kusho amaphoyisa aseNewcastle esitatimendeni. Athe inhloso yamabhoklolo ukuhlukumeza omunye umuntu. “ Lokhu kudala ukuthi isizulu sibenobuhlungu obukhulu, incindezi ngoba sona sisuke singachukuluzanga muntu kodwa amabhoklolo asuke ehlose ukusihlukumeza. Ukuhlekisa ngomunye umuntu kubhebhethekisa udlame lokukhuluma okuyingozi enkulu komunye umuntu, ngoba futhi lokhu kuthatha isikhathi eside ukuze kubonakale. Lokuchukuluzwa komuntu ngokolimu , kubi ngoba umuntu ubizwa ngamagama, adelelwe, asatshiswe ngokwamazwi kuphinde kusetshenziswe ezobuchwepheshe ukumhlukumeza ngokubhala ngaye emakhasini okuxhumana ngezinto ezimhlukumezayo. Lokhu kuyenzeka komakhalekhukhwini nasezinkundleni zokuxhumana. Izinkundla zokuxhumana ezifana no-YouTube, Instagram kanye no Snapchat izina ezifumela izingane ukuba zihlale zisezinkundleni zokuxhumana isikhathi eside esingaba amahora awu-24, ngoba ezinye zazo zivumela ukuthi imilayezo ethunyelwe kuzona ingaziwa imvelaphi yayo njengo Instagram. “ Ukuthunyelwa kwemiyalezo edicilela phansi isithunzi somuntu ezinye izindlela zobubhoklolo obuhleliwe, ngoba kuthunyelwa nemiyalezo engeyiyo kuzo ngenhloso yokudicilela phansi isithunzi somuntu, futhi lemilayezo iyaphoxa kakhulu. Abazali kumele baqinisekise ukuthi izingane zinikezwa isikhathi esincane sokuhlala ezinkundleni zokuxhumana ukuze kugwemeke lesisenzo. Ibhoklolo liyakwazi ukutshela enye ingane ukuthi wena ngeke uhlale nathi bese libeka nesici sayo, noma sikhombise ngomzimba ukuthi loyomuntu akafuneki eduze kwabo. Kokunye lona oyisisulu uyahletshwa ngayo yonke indlela ukuze ahlukumezeke, aphinde ashaywe yiwo lamabhoklolo, athathelwe imali impahla , adatshulelwe ngisho izincwadi imbala. Lokhu kuyatholakala futhi lapho abafundi becwasana ngokwebala, ubuzwe, ubulili kanye nenkolo okhonza kuyo. Kuyafana lokhu Phakathi kwabafana namantombazane ngoba nawo akhona angamabhoklolo. Kunxuswa abazali ukuthi bahlale bebhekile izimpawu ezithize ukuze basheshe babone ukuthi izingane zabo ziyizisulu zalamabhoklolo. “ Ukubona ingane ibuya esikoleni ivuvukele ebusweni futhi inezibazi, ukushintsha kokuziphatha kanye nokwesaba ukuya esikoleni. Ukubuya nezimpahla zesikole zokugqoka zidabukile kanye nezincwadi zidabukile, ukubuya kwengane ilambile ngoba isikhafutini sayo sithathiwe sadliwa amabhoklolo nemali yomkhero ithathiwe. Ukungakhathaleli ukuya esikoleni , ukungalangazeleli ukudla, amaphupho amabi, ukukhala kanye nencindezi yomqondo. Lezimpawu yizona ezikhombisa ukuthi umntwana uhlushwa ngamabhoklolo. Kumele nikuqikelele bazali ukuthi nibatshele abantwana benu ukuthi nohlale nibaseka ngayo yonke indlela, ukuze nabo bezokhululeka ukunitshela isaqala nendaba yokuba yizisulu zalamabhoklolo.
Ifundise ukuba ihlale inakho ukuzethemba nokuxoxa nayo ukuze ihlale ivulelekile ekukutsheleni izinto ezingasahambi kahle. Uma ubona ngazathi ingane inalezimpawu xoxa nothisha wayo noma nothishanhloko mhlampe kubo ingavuleleka, ngoba uma ungakwenzi lokho ingane yakho izohlale ihlukumezekile igcine ingenzi kahle ezifundweni noma iyeko noma ilimaze ezinye ngoba izobe isikhathele noma icele abangani bayilekelele kugcine sekunodlame ezikolweni engabe ligwemekile. Ikhona indlela yokuvikela umntwana wakho ukuba angabi isizulu sokuhlukunyezwa kwezobuchwepheshe noma ezinkundleni zokuxhumana. Okokuqala mtshele ukuthi angalibe ephendula imilayezo ebhedayo ezinkundleni zokuxhumana. Ashintshe amakhodi njalonjalo kanye nokhiye bokungena ocingweni lakhe kanye nasezinkundleni zokuxhumana ukuze angatholakali esethola imilayezo ebhedayo. Aziqhelelanise nabangani abangalungile. Kumele imilayezo enobubhoklolo bayivale abazali, kanye no Instagram nezinye izinkundla zkuxhumana efonini yengane ukuze nayo ingakwazi ukungena kuzo. Ububhoklolo obusetshenziswa ezinkundleni zokuxhumana icala elibomvu lelo. Bungavikeleka ububhoklolo: ngokuthi bubikwe ngokushesha nabo lobu obenzeka ezinkundleni zokuxhumana. Izingane ziyesaba ukubika ububhoklolo obenzeka ezinkundleni zokuxhumana ngoba zisabela ukuthi abazali bazobathatha omakhalekhukhwini bazo, kanye namakhompuyutha. Kumele abantwana bazi ukuthi ububhoklolo abuvumelekile futhi abazali okumele bakulungise lokho hhayi bona. Uma ibhoklolo likuchukuluza hamba uyobika ungabuyiseli nawe ngobubhoklolo. Ungakhombisi ukuthukuthela nokukhala kodwa tshela ibholkolo ukuthi awuyithandi into eliyenzayo, noma uvele usuke eceleni kwalo. “ Gwema ukuhlala ngawedwana. Uye kogeza nabangani futhi uma kungekho mfundi noma uthisha ukugweme lokho. Uma ugibele ibhasi zama ukuhlala phambili ukuze kuzobonakala uma kukhona okuchukuluzayo,kusho amaphoyisa. Aphethe ngokuthi zibikeni izenzo zobubhoklolo ngaso sonke isikhathi.