UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu uMfu Thulasizwe Buthelezi usebeke onke amathimba ezezinhlekelele ukuba ame ngomumo, njengoba kulindeleke isimo sezulu esingesihle ngempelasonto. UNgqongqoshe uMfu Buthelezi uthe ngokombiko wezangoma zezulu isiFundazwe iKwaZulu-Natal, singahle , sihlaselwe amakhaza, imvula kanye neqhwa. UNgqongqoshe ube esixwayisa izakhamuzi ukuba zisiqaphe isimo sezulu. “ Izakhamuzi ezisenbenzisa izimbawula kanye namajenereyitha zinxuswa ukuba ziqaphele ukuthi aziwashiyi ekhanya futhi zicima konke ngaphandle kokuba ziyolala,”esho. Uthe kumele bazicime lezinsiza kufudumala uma sebelala ngoba uma bezishiya zikhanya zingadala ubungozi obuningi, okubalwa kuzo ukusha kwezindlu kanye nokuhishwa isimoko kwezakhamuzi. Uphinde wanxusa izakhamuzi zingazami ukuwela amabhuloho uma umfula udla izindwani noma ugcwele uchichima. Uqhube wathi lezimvula ezinamandla zingadala izikhukhula, ezingahamba namabhuloho , zicekele phansi inqalasizinda efana nemigwaqo, izigxobo zigagesi, imizi kanye nokulimala kwemfuyo. “ Lesimo sezulu esilindeleke ukuba singabi sihle singabuye siholele ekutheni eminye yemigwaqo ukuba ivalwe,” elanda. Uthe abezimo zezinhlekelele zebebajubile ukuthi basiqaphe isimo kubo bonke omasipala abavamise ukuhlaselwa yizo lezinhlekelele kanye nabanye abangakaze bahlaselwe izinhlekelele. Uphethe ngokuthi abantu abahlala ngasemazansi nemifula noma osebeni lomfula kumele bakhuphukele ngenhla ezindaweni eziphephile futhi bahlale besiqaphile isimo sezulu kanye nezixwayiso ezikhishwa izangoma zezulu.