IZAKHAMUZI namaphoyisa ngenkathi kuneMbizo yokulwisana nobugebengu eNquthu
UKHOMISHANA wesiFunda Umzinyathi , uMaj-gen Francis Slambert, izikhulu eziphezulu zamaphoyisa Kanye noyiNhloko yeCommunity Safety and Liaison eGauteng uNksz Sisulu, babize Imbiso yokulwisana nobugebengu Kwanqulu , eNquthu eNyakatho neKwaZulu-Natal, ngelendlule. Kuvelile kulembizo ukuthi bekuhloswe ngayo ukuxoxa ngamacala abucayi okubalwa kuwo awokubulala, awokuzama ukubulala Kanye nawokushaya ngenhloso yokulimaza okubonakala ukuthi adla lubi kulesiFunda esesibalulwe ngenhla. Kanti ngakolunye uhlangothi nomphakathi ubuveza okungawuphethe kahle, lokhu okuvezwe ngumphakathi uMaj-Gen Slambert , ukubhala phansi ngenhloso yokubhekana nakho futhi kulungiswe. UMaj-Gen Slambert ubonge ukubakhona koyiNhloko eGauteng uNksz Sisulu. Uphinde wanxusa umphakathi ukuba usebenzisane namaphoyisa futhi uzibike izigameko zobugebengu ngoba umphakathi uhlala nawo futhi waziwa yiwo. Uqhube wathi azingavikelwa izigilamkhuba. Uphethe ngokuthi usesungule ithimba elizobhekana nalezinselelo zamacala abacayi (established District Task Team), ezobhekana nendawo yaKwanqulu okubonakala kuyiyona ehamba phambili ngalezinhlobo zamacala asebalulwe ngenhla.