KUNGENKATHI bebhiyazela ukunqoba kwelikanobhutshuzwayo. Izithombe.ZITHUNYELWE
NJENGOBA kusaqhutshekwa nokubungazwa kwenyanga yentsha lapha eMzansi Afrika, nezakhamizi nazo ziyaqhubeka nokuhlela imidlalo yebhola likanobhutshuzwayo ngenhloso yokuhlanganisa intsha.
Kuvelile ukuthi lokuhlelwa kwemidlalo noma imiqhudelwano yebholo likanobhutshuzwayo , kuhloswe ngakho ukuqoqa intsha ukuba ingabi wuvanzi igcine isizithole idla izidakamizwa kanye nokuvumbulula amakhona entsheni yasemakhaya.
Le midlalo ibidlalelwa emapulazini ase Normandien ngaphandle kancane kwase Newcastle.
Omunye wabahleli balemidlalo uMnuz Lucky Shabalala uthe, sihlele le midlalo ukuze sikhombise noma sikhuthaze intsha ngokubaluleka kwalenyanga yentsha esabungazwa namanje okuyilapho kwasukuma khona amaqhawe angalesosikhathi , ashaya phansi ngonyawo , alwisana nohulumeni wobandlululo athi cha ukufundiswa ngolimu lwesibhunu.
Uthe kuloyombhikisho okhunjulwayo kwandlula emhlabeni izishoshovu ezifana no Tsietsi Mashinini, Hector Perterson nabanye.
Uphethe ngokuthi sibone kubalulekile ukuba sihlanganise intsha sikhumbule amaqhawe alala ngalolusuku, yingakho izakhamizi sifake izandla emaphaketheni zaxhasa lemiqhudelwane yebhola likanobhutshuzwayo.
I-Bahlokozi FC ikhale yemuka nemali engu-R2000, inkomishi, ijezi kanye nezindondo emva kokunqoba lo mqhudelwano. Kwathi iqembu elilale isibili Abafana bamamitha teksi (Meter Taxi Boys), bona bathole izindondo kanye nemali engu-R1 300 kanti i-Wykom elale isithathu yona ithole umthoba nhiziyo wemali engu-R800 kanye nezindondo.

