BAZOBHEMA bakholwe abalandeli bomculo kaMasikande , abazthamele lomculo wesintu ezinkundleni zomudlalo, eNquthu Stadium njengoba uMkhandlu kaMasipala waseNquthu uholwa nguSodolobha uKhansela uShabalala uzobe ubalethele indumezulu yombungazo womculo kaMasikandi iNquthu Masikande Festival mhla ka 28 October kulenyanga, namuhla.
“Bonke osaziwayo balomkhakha ongabacabanga bazobe bebuthene ukuzojabulisa abalandeli babo, phakathi kwabo kubalwa Igcokama Elisha, Inkosi Yamagcokama, Ojayiva Zimnike, uGatsheni, Imfezi, uShwi, Sminorf , Thokozani Langa, Imithente, Ntwencane, Quality Biyela, Skweletu, Falabo, Menzi, Jumbo, Bobo Umfana Wepiki, Qondanisa, Abafana Bakamgqhumeni, Ngiga kanye noFihlisikhwele. “ Abaphathi bohlelo kulindeleke abasakazi bohlelo lukaMasikande oKhozini FM uTshatha, Zimdoller, Mdonswa noBingelela. Usodolobha kulonyaka ubonakale ematasa kakhulu nokweseka amaciko emicimbini yomkhandlu ngokuwapha ithuba lokunandisa aphinde athole nesinkwa, Kanti futhi miningi imihlangano atholakale ehlanganyele kunye nawo eqondene nokuwathuthukisa lamaciko kubalwa noSomabhizinisi abancane.
Lombungazo indlela ozobamkhulu ngayo futhi futhi uphinde udonse izinkumbi zabalandeli bakaMasikande emadolobheni asondelene ne Nquthu kwazise iwona emlandweni omkhulu futhi osuke waletha osaziwayo abangaka eNorthen KZN, kuyacaca ukuthi kulonyaka uMkhandlu uhlele ngokwezinga eliphezulu ukuba udlale indima enkulu ukufukula umnotho waseNquthu.
Abalelwa ku-20 amaciko okanye amaqebu waseNquthu kaMasikande asafufusa azohlomula kulombungazo njengoba ezobe ebhulela labo saziwayo amazolo e-Stage.
Kuvelile ukuthi kwezokufukula osomabhizinisi bendawo, uSodolobha ngaphambilini umeme bonke osomabhizinisi bendawo ezinhlelweni zokuba bazilungiselele ukuba yingxene yabazohlomulo, phakathi kwabo kubalwa, izindawo zokulala phecelezi ama-B&B, abadayisi (Traders), Abathwebuli (Photographers), abaqhashisi bamatende, amaciko asebenza ngezandla kanye nabanye osomabhizinisi.” Side isikhathi amaciko asalala nasadlanhlamvana efisa ukubona into efana nalena edolobheni laseNquthu ,futhi ezobahlomulisa, kuyacaca ukuthi izinqalabutho zikaMasikande esezalala njengoNgane Ziyamfisa, uMgqhumeni kanye nabanye bazolala ubuthongo obunokuthula lapho bekhona njengoba namuhla iphupho ababelifisa bahamba lingakenzeki, namuhla libonisa izinhlansi zokufezeka, Kanti lokhu kuzowabuyisela umfutho nentshisekelo amaciko aseNquthu jikelele ukuba asebenze kanzima futhi aqhubeke akhiqize umsebenzi wokujabulisa okanye nokucikoza ngezindlela ezahlukehlukene.Ngonyaka ka-2022 iNquthu Masikande Festival yayivakashele uMsakazo Ukhozi FM ngokohlelo lweNyusi’Volume 3, nalapho kwakusondela khona izinsuku zikakhisinuzi kuvakashelwa izindawo ezahlukehlukene ukuyonikelela imindeni ethile ukuba nayo ithole ukhisimuzi ofudumele kungabonakali ukuthi badla imbuya ngothi