NGUNGENKATHI kugujwa usuku lokubuyisana. Kwesingezansi uMeya wesiFunda uMzinyathi uKhansela Petros Ngubane kanye neNkosi yakwaMolefe uBogang Izithombe: ZITHUNYELWE
IMEYA yesiFunda uMzinyathi, uMhlonishwa Petros Ngubane, uhambele isikhumbuzo soSuku Lokubuyisana eNcome Museum, eNquthu, ngoMsombuluko.
Lolu suku lukaDecember 16, phambilini lalwalaziwa ngeDingaan’s Day, lwaluvame ukugujwa ngamaBhunu ekhumbula ukunqoba kwawo uZulu ngoDisemba 16 ka-1838 eMpini yaseNcome. Nokho, ngemuva kokuba izwe laseNingizimu Afrika lathola intando yeningi lolu suku lwabe selubizwa ngoSuku Lokubuyisana.
“UMhlonishwa uMeya uNgubane uthi esitaimendeni,”Nakuba lempi yaseNcome uZulu wanqotshwa kodwa kakukuhle ukuthi ngemuva kweminyaka eminingi kangaka kodwa akukabi khona ukubuyisana okuhle njengoba ama-Afrikaner egubha wodwa eBlood River lolusuku, uZulu naye enze owakhe umgubho eNcome.
“Njengoba nibabona belapha ngaphesheya kufanele engabe sindawonye ngapha kodwa lokho akukenzeki. Iziphathimandla zezwe ziyadinga ukuba zisondele kuzanywe ukuthi ilungiswe le nto ngoba kobukayo uyazibuza ukuthi sigubha usuku lokubuyisana kanjani kusenje,” kubeka uMeya uNgubane esitatimendeni.
“INkosi yesizwe saKwaMolefe uBogang nayo ikhale esifanayo ithi lomgubho kumele engabe uyasihlanganisa sidle khezo lunye kodwa cha omunye wenze okwakhe nathi senza okwethu.
“Ama-Afrikaner aseqeda isonto kulo mgubho njengoba thina sifika namhlanje noma uthi uyaya ngakhona uyajikiswa kuthiwa okwenu kungale hhayi la, ” kukhala iNkosi Bogang Molefe.
Kulo mgubho amaciko ezizwe ezahlukene ebesina ededelana kushaya isicathamiya, isigekle, ingoma laze layoshona ilanga abantu bejabule.