Kungenkathi iTwo for Joy linqoba emqhudelwaneni i-Khaba enkundleni yomdlalo eKing Zwelithini Stadium. Izithombe Hoolywoodbets
IQEMBI iTwo for Joy liguqise i-Star Pirates laba oshampeni bakulonyaka u-2024, emva kokuba linqobe ngamagoli awu-4 kwawu-2, sekukhahlelwa amaphenalithi emva kokuba lamaqembu ebebambene ngegoli elilodwa ngapha nangapha. Kuvelile ukuthi leliqembu eselibalulwe ngenhla libe selikhala lemuka ngesamba semali ewu-R120 000, kwathi izimbangi zona zathola imali ewu-R50 000, ngokulala isibili. ” Ngifisa ukubonga kakhulu abafana ngendlela abadlale ngayo banqoba lekhaphu,” kusho umqeqeshi uMnu TK Khoza esitatimendeni. Kuphinde kwavela ukuthi i-Khabba Cup ibibanjelwe kulezinkundla Kind Zwelithini Stadium,Glebe kanye nase SJ Smith Stadium, eWema e-South yeDurban, lapho bekuqhudelana amakilabhu awu-36 ngaphansi kwe SAFA KZN kanye ne Eastern Cape esifundeni sakhona., okuvele ukuthi lokhu kwenzeke ngaphansi komsunguli owabe engumdlali wama Azulu FC uMnu Manqoba Mkhize , okuyilapho lomqhudelwano ukhombisa ukuba nesasa elikhulu khona futhi ophinde uhehe abalandeli kanye nezibukeli eziningi khona kanye nalabo abasuke bezobheka khona amakhono okuthola abadlali abazodlalela amaqembu aphezulu adlala kwiPSL. ” Ababedlala ibhola likanobhutshuzwayo emaqenjini aphezulu okubalwa kubo uMnu Steve Lekoelea, Siyabonga Sangweni, Japhet Zwane, jabu Pule , bebeyingxenye yalomdlalo ngoba bengamanxusa alenhlangano yokugembula i-Hollywoodbets, kanti noMnu Teko Modise naye iyinxenye yamanxusa. UMnu Mkhize nguyena owaqala wasungula lemiqhudelwano esixhaswe ilenhlangano esibalulwe ngenhla. Ekhuluma esitatimendeni uMnu Mkhize uthe wayengazi ukuthi ukusungula lemiqhudelwane kungase kuhehe abantu abaningi futhi igcine ixhaswe yilenhlangano yokugembula exhasa kakhulu ibhola likanobhutshuzwayo kanye nemigijimo yamahashi efana noDurban July Horseracing. Uthe ujabule kakhulu ukubona isasasa lalomqhudelwane webhola likanobhutshuzwayo.. uqhube wathi lenhlangano izimisele futhi iyalithuthbukisa ibhola lakuleli, kanti uphinde wachaza ukuthi ubambiswano nalenhlangano kuhle kakhulu futhi kuthela izithelo. Umnu Mezi Ngcobo ongamele isikhundla sokuba isikhulu esiphezulu kubaxhasi uchaze ukuthi nabo bayajabula ukuthuthukisa ezemidlalo KwaZulu-Natal nokuthi njalo ngesizini kubonakale abadlali abakhuphukela esigabeni esiphezulu kumaqembu amakhulu. Uthe lobudlelwane abanabo noMnu Mkhize bafuna bukhule , ngoba bebona ukuthi ziningi izihlabani zebhola e-Umlazi ezikhona. Ube esefisela bonge abadlali kanye namaqembu okuhle konke. Kuphinde kwavela ukuthi kulethonamenti kuphinde kwaba nabanye abaziwinele ngamagalelo abo.
Umdlali wethonamenti kube nguMnu Sibani Mtungwa
Oshaye amagoli amanini:Mbhobho Ndlovu
Umqeqeshi wethonamenti: TK Khoza
Isitobha sethonamenti: Siphamandla Nzuza
Umdlali wasesiswini:Ayanda Nzimande
Unozinti wethonamenti: Thabiso Zulu