KUNGENKATHI amalunga eqembu loMkhonto weSizwe lihambise impahla yokwakha kubantu abakhahlamezwe zimvula.
AMALUNGA oMkhonto weSizwe kusiFunda Amajuba alule isandla ngokuhambisa impahla yokwakha kulabo abakhahlanyezwe izimvula ezinamandla ebezihambisana nesiphepho maphakathi neviki lapho izakhamuzi zisale dengwane. Kuvelile ukuthi ngenkathi kuhlasela udomoniya kukhahlamezeke imizi ewu-20, Osizweni lapho kuphephuke khona lezindlu ngenxa yezimvula ezinamadla kanye nesiphepho. Okhulumela isiFunda Amajuba uMnu Pascal Grey uthe sihlonze imizi ewu-20 , ekhahlanyezwe zimvula ezinamandla ebezihambisana nesiphepho. Uthe abantu basale dengwane kuhlasela lezimvula. Uqhube wathi njengeqembu sibeka phambili izimpilo zabantu yingakho sibone kubalulekile ukuthi abantu sibasize bathole uphahla nempilo ibuyele esimeni esijwayelekile. “ Siyazi ukuthi iningi labantu abakhahlanyezwe zikhukhula abasebenzi, yingakho sikubone kubalulekile ukuba sibaxase ngempahla yokwakha ukuze sibuyise isithunzi sabo,” esho. Uqhube wathi sense okusemandleni ngoba siyabona ukuthi akwanele esikwenzile. Uthe llamalunga axhase ngosimende, izipikili, amathayela , iminyango kanye nezikhiye zakhona. Uphethe ngokuthi akwanele ngoba abanye kumele baqale phansi bakhe izindlu ngoba ngenkathi ziphephuka kulimele nezindonga.