YISILO samaZulu uMisuzulu kaZwelithini.Isithombe.SITHUNYELWE
ISILO samaZulu, uMisuzulu kaZwelithini, usezwakalise ukukhathazeka ngesinqumo sokuvalwa kwebhange Ithala ebelisiza isizwe samaZulu, KwaZulu-Natal.
Esitatimenendeni esithunyelelwe abezindaba, iNdlulamithi yamaKhosi, ithe: “IThala libaluleke kakhulu esizweni samaZulu, futhi linomlando, isiko kanti futhi beliqhakambisa ukukhuliswa komnotho wesizwe.”
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, yena uthe: “ISilo uMisuzulu kaZwelithini ungijubile nobuholi baseNdlunkulu kanye naMakhosi ukuba siyoseka uNdunankulu wesifundazwe saKwaZulu-Natal, uMnuz Thamsanqa Ntuli, ukuze kuvimbelwe ukuvalwa kwaleli bhange, iThala.”
ISilo uMisuzulu, uphinde wanxusa leli thimba lezithunywa ukuba lixhumane nobuholi bukahulumeni bukazwelonke ukuba bubone ukubaluleka kweThala kanye neqhaza leli bhange elilibambile ezinkunjini zabantu baKwaZulu-Natal.
Siphethe ngokuthi amakhosi aKwaZulu-Natal angase alahlekelwe yimali yawo engu-R34 million egcinwe kulo leli bhange, iThala, kanti futhi kunezinye izimali ezikhona kuleli bhange ezibizwa ngokuthi ama-Traditional Levies Trust Account ezigcinwe kulo, nokumele zivikelwe.