ISILO Misuzulu kaZwelithini usezwakalise ukudinwa ngesenzo sokumiswa kwelayisenisi ye-Ithala Bank yi Financial Sector Conduct Authority. Uthe ukumiswa (suspension) kwelayisensi -ye-Ithala kuzobeka izimpilo zezigidi zabantu empilweni enzima ngoba basebenzisa leli bhange ukuze baqhube amabhizinisi abo futhi lokhu kuzzoba nomthelela omubi kakhulu nakuleli. “ Lelibhange selisize abantu abaningi baKwaZulu-natal ngokubaxhasa futhi liwimgogodla wabantu basemakahaya kanti futhi belibaxhase kakhulu osomabhizinisi abancane nabasafufusa, lokhu kuyaphazamisa kakhulu,” kusho ISilo. Uqhube wathi lokhu kungukudicilela phansi salona owabe enguMengameli we IFP uPrince Mangosuthu Buthelezi , owathi akusungulwe lelibhange futhi kuthunazo igalelo lakhe lokubusa isiFundazwe saKwaZulu-Natal. “ UNdunankulu waKwaZulu-Natal, ebukhosini bukaZulu wayehlonishwa kakhulu ngegalelo lakhe lezombusazwe osekudicilelwe phansi ngalesisenzo,” esho. ISilo sithe uNdunankulu kaZulu ophinde abe uNgqongqoshe wezokuBusa ngokubambisana neziNdaba zoMdabu uMfu Thulasizwe Buthelezi kumele axhumane noNgqongqoshe weZezimali kanye noNdunankulu wesiFundazwe uMnu Thami Ntuli , ukuze kubuyiselwe ilayisensi yalelibhange ngaphandle kokubambezeleka.
Uhulumeni usekuqinisekisile ukuthi sebekhokhelwe abasiza ezikoleni abangu-124 000
UMNYANGO wezeMfundo eyisiSekelo (Department of Basic Education), usukuqinisekisile ukuthi abasiza ezikoleni abangu-124 000 sebekhokheliwe imihlomulo yabo. Kubikwa ukuthi lenkokhelo yenzeke...