ZIHLALO ezitholwe amaqembu ahambe phambili okhethweni
NJENGOBA lingekho iqembu eliphumelele ngamalengiso okhethweni lwezifunda kanye nolukazwelonke, lokho kukhomba ukuthi kumele kube nohulumeni wobumbano (coalition government), ukuze kube khona uhulumeni kuhanjiswe izidingo kubantu. Iqembu elibusayo libonakale lingenzi kahle okhethweni laphinde lalahlekelwa nayizihlalo eziningi kwiKhabhinethi kazwelonke , laphinde langenza kahle kohulumeni bezifundazwe lokhu okuzodala ukuba libambisane namanye amaqembu ukuzwe kwakhiwe uhulumeni. Iqembu elibusayo lithole izihlalo eziwu-159, i-Democratic Alliance (DA) yona izihlalo eziwu-87, Mkhonto Wesizwe (MK) eziwu-58 kathi i-Economic Freedom Fighters (EFF), yathola eziwu-39 yalandelwa yi-Inkatha Freedom party ngezihlalo eziwu-17. Lolu khetho belubhekwe ngabomvu ikakhulukazi KwaZulu-Natal, ngoba wonke amaqembu ayehambise umkhankaso wawo kakhulu kulesifundazwe esigcine sinqotshwe yi-MK, eqeda kusungulwa nje kodwa ekhombise ukukhula ngokukhulu ukundlondlobala futhi elandelwa ngabantu abaningi. Sikhuluma nje amanye amaqembu aseziqalile izinxoxo zokuthi azosebenzisana namaphi amaqembu kanti amanye izigungu zawo eziphezulu lapho beyofuna khona umhl;ahlandlela woukthi imaphi amaqembu abazofuna ukusebenzisana nawo ukuze kwakhiwe uhulumeni wobumbano.