UMNYANGO wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu uxwayisa izakhamuzi ngaphansi komasipala bezifunda Ugu, Ilembe, King Cetshwayo, Umkhanyakude kanye neTheku, ngezimvula ezinamandla okulindeleke ukuthi zihlasele namhlanje 17 January 2024, ngokombiko wezangoma zezulu. Okhulumela lomnyango osubalulwe ngenhla, uMnu Siboniso Mngadi, uthe izakhamuzi zixwayiswa ngobungozi obulindelekile ngenxa yesimo sezulu. Uqhube wathi izinto okumele zigwenye ilezi, ukuthatha kancane izexwayiso zesimosezulu,ukuthatha uhambo olungenasidingo, ukuwela umfula ugcwele, kanye nokwenza into engase ibeke impilo yakho encupheni. ” Izinto okumele uzenze: Landela imiyalelo eqhamuka kumathimba ezomthetho kanye nawezezinhlekelele, qinisekisa ukuthi izingane azidlaleli endaweni enamanzi, qinisekisa ukuthi izingane zihamba endaweni ephephile uma ziya esikoleni, lindela ukuthutha ngokuphuthuma uma ubona isimo samanzi siya ngokwenyuka lapho ukhona bese ugcina amaphepha abalulekile endaweni ephephile,” esho. Uphethe ngokuthi amathimba abhekelele ezezinhlekelele asiqaphile ngeso lokhozi lesimo sezulu, izakhamuzi ziyacelwa ukuba zibambisane neziphathimandla.