UNGQONGQISHE weZemfundo KwaZulu-Natal, uNksz Mbali Frazer, ukuqinisekisile ukuthi uMnyango usezihambisile izimali zezinsizakufunda nokufundisa phecelezi Norms and Standards, ezikoleni zesifundazwe. Uthe le Mali esikhishiwe ibikusabelo Mali sika 2023/2024, okungazange kwenzeke futhi ibis ilele ngemuva kodwa bayajabula ngoba sebeyikhokhile. Uqhube wathi ukukhishwa kwa lemali kuzoqinisekisa ukuthi uhlelo lokufunda nokufundisa ukuhamba kahle ngaphandle kwezinqinamba. Uthe lokhu kuzoqinisekisa ukuthi abafundi bathola imfundo engcono.
Isikole samabanga aphansi Ingwe zizidlele amahlanga emculweni wamakwaya, eNewcastle
NGUTHISHANHLOKO uMnuz Sfiso Ngobese, uthishela oculisayo uMnuz Nhlamvu Buthelezi kanye nezingane zesikole. Isithombe.SITHUNYELWE ISIKOLE samabanga aphansi esisemakhaya esizinze endaweni yaseBhalanki...