KUBIZWE umhlangano ophuthumayo ngelendlule e-Gold one! Lokhu kulandelwa ukuthi kuxoshwe izisebenzi ezingu-401, yilemayini esibalulwe ngenhla emva kokuba bebasolwe ngokuthi babamba isiteleke esingekho emthethweni ngokuthi bagqingqe emathunjini omhlaba alemayini ngo-October kanye noDecember , nyakenye , 2023. Kuvelile ukuthi uNgqongqoshe weZabasebenzi uMnu Thulasi Nxesi ubeyinxenye yalomhlangano, uMnu Xolani Nduna onguMqondisi osabambile , kwi Commission for Conciliation , Mediation and Arbitration (CCMA), National Union of Mineworkers (NUM), yona ibimelwe nguMengameli wayo uMnu Daniel Balepile, i-World Federation of Trade Unions (WAFTU), imelwe uMengameli wayo nayo uMnu Mzwandile Makwayiba, Impala Management imelwe ngu-Patrick Morutlwa oyi Group COO kanti neDepartment of Mineral Resources and Energy (DMRE). Kuphinde kwavela ukuthi inhloso yalomhlangano bekungukuqhamuka nesixazululo emva kokuba lemayini ixoshe labasebenzi asebebalulwe ngenhla. UNgqongqoshe kanye nomele iCCMA , bebeyolalela izethulo zomqashi kanye nomqashi , ngenhloso yokuthi labasebenzi abaxoshiwe babuyiselwe emsebenzini. “ Ngokwesitatimende kuvelile ukuthi izisebenzi bezinohlu lwezikhalaz nange okubalwa kuzo i-Employee Share Ownership Scheme (ESOPS), Provident Funds kanye nezigameko ezining zokusatshiswa , ukuvalwa kwemigwaqo kanye nokunye okuningi.” Kusho isitatimende, siqhuba sithi emva kokungenelela kukangqomgqoshe kuhloswe ngakho ukuthi labasebenzi abaxoshwa babuyiselwe emsebenzini. Siqhube sathi inhloso yomnyango ukuba kubhekwane nazo zonke izinqinamba ezithinta abaqashi nabasebenzi ukuze kuphunywe nesixazululo. UNgqongqoshe uphinde wasigxeka isigameko sokubanjwa noma sokuthunjwa kwabantu ngaphansi kwamathumbu omhlaba, wathi lokhu kungaholela ekulahlekeni kwemiphefumulo ngoba emgodini indawo ebucayi kakhulu. Uqhube wathi kubalulekile ukuthi kuxoxiswane abasebenzi nomqashi ingakangeneleli izinyunyana, wakubeka ngokusobala ukuthi ezempilo kanye nezokuphepha ikona okubalulekile ezisebenzini. “ Kumele kugwenye ukudilizwa kwezisebenzi, kube khona uqeqesho lama Shop stewards, kwazeke ngegqaza okumele libanjwe zinyunyana, Disetla, igqaza lamaMining and Mineral Sector SETA (MQA SETA), kube khona izixazululo zesikhathi eside kuvikelwe ukulahleka kwemisebenzi kuphinde kubuyiselwe labasebenzi abaxoshiwe emsebenzini, kuqhakambiswe futhi kuvikelwe nokuvalwa kwezimayini. Uphethe ngokuthi iumthetho wezabasebenzi wase-South Africa ugunyaza ukuthi abasebenzi basebenze endaweni ehlanzekile , ephephile futhi lingaphulwa nelungelo labo eligunyazwe ilomthetho. Kuvelile ukuthi umsebenzi weCCMA ukuqinisekisa ukuthi ubudlelwano Phakathi komqashi nomqashwa buhle, kanti futhi basebenzisana ngokuthula.