KWESOKUNXELE nguKhansela Vusi Sibeko, Duncan Smith (Business Leader), uSekela Meya womkhandlu Amajuba uKhansela Lihle Mthembu Kanye noDkt Thabani Dlamini. Kanye nabebeklonyeliswa
BAKLONYELISWE ngezitifiketi ngemuva kokuphothula ngempumelelo izifundo eziphathelene nokuhola umphakathi nolwazi lwezezimali, ezaziwa nge-Leadership in Social Equity Programme and Financial Literacy ngaphansi kohlelo lwe-Entrepreneurship Course ngoLwesihlanu, eSection 6 eMadadeni, eNewcastle.
Lo mcimbi ubuhlelwe esontweni i-New Star Community Development Church, eMadadeni, ngenkathi kunengqungquthela yabefundisi, i-Pastors Fraternal & Newcastle Religious Council, ngoLwesihlanu.
Lo mcimbi bekuhloswe ngawo ukuzokwethula isigungu sabasha esifundeni saseMajuba nokuklonyeliswa kwabantu abasha ngezitifiketi ngemva kokuphothula izifundo zabo ezindaweni ezahlukene.
Umengameli weChange Makers Youth Council esifundeni saseMajuba, uMfu Vusumuzi Kunene we-ADCYC (uma sekuphelele?), uthe le ngqungquthela yokwethula lesi sigungu ibe yimpumelelo.
Ubuhanjelwe yizifundiswa ezahlukene okubalwa kuzo uDkt Gerd Luiis, uDuncan Smith (Business Leader) u-Bishop Mbele we-Southern African Association Youth Club, noNkk Nene woMnyango wezeMpilo. Isikhulumi esiqavile bekungu-Dkt Thabani Dlamini.
Esitatimendeni uMfundisi Kunene uthe intsha ayiyeke ukwenca izinto kancane uma yenza izinto zekusasa layo.
Oyiphini leMeya kaMasipala wesifunda Amajuba, uKhansela Lihle Mthembu, naye obeyingxenye yalo mcimbi, wedlulise umyalezo wokugqugquzela isigungu sentsha ukuthi siqhubeke sibe yizwi labasha.
“Kumele nenze umehluko futhi niqinisekise ukuthi niyabambisana uma nisebenza. Niqinisekise ukuthi nidala ubambiswano nobumbano phakathi kwalabo masipala bobabili okuyiNewcastle noMasipala wesifunda Amajuba,” kusho uKhansela Mthembu.