KUBONAKALA uthela izithelo umkhankaso wamaphoyisa iNational Deployment Team, wokulwisana kanye nokuvumbulula izibhamu ezingekho emthethweni. Lokhu kulandelwa ukuthi leli thimba eselibalulwe ngenhla likwazili ukubopha abasolwa abathathu , labe selishaqa nezibhamu ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu. Kuvelile ukuthi loloPhiko lwamaphoyisa lulunywe indle ukuthi kunomsolwa ophethe izibhamu ezingekho emthethweni endaweni yaseMbewunye,eNquthu, abe esegasela emzini thizeni abayalelwe wona, athe uma esesha athola isibhamu sohlobo lwe-Ak47 rifle, kanye namapistol awu-2, kwabe sekuboshwa umsolwa oneminyaka ewu-49. Kuphinde kwavela ukuthi lomsolwa oboshiwe owesifazane. Okhulumela amaphoyisa kwisiFunda Umzinyathi,uConst Siyabonga Nkwanyana, uthe kwesinye isigameko amaphoyisa Umzinyathi District Task team, kanye namaphoyisa i-Newcastle Public Order Policing (POP), agasele eMsinga Top, lapho efike abaopha khona umsolwa oneminyaka ewu-25, emva kokuba emthole nesibhamu sohlobo lwe-pistol. Uthe kwesinye isigameko Kwagqophi,eNhlanhleni, abophe umsolwa oneminyaka ewu-29, emva kokuba ethlakale nesibhamu sohlobo lwe-pistol kanye nezinhlamvu konke okungekho emthethweni. UKhomishana wamaphoyisa kwisiFunda Umzinyathi uMaj-gen, Francis Slambert, uthe maphoyisa asebenza ngokukhulu ukuzikhandla ekulwisaneni nezibhamu ezingekho emthethweni ukuze kuphephe umphakathi. Uphethe ngokuwancoma kakhulu wathi umkhankaso wawo , uthela izithelo ezinhle.