SIBHAMU notshwala okutholakele kuboshwa abasolwa.Isithombe. AMAPHOYISA
KUBOSHWE abasolwa ababili abaneminyaka engu-28 nengu-32 kwashaqwa , isibhamu esingekho emthethweni e-Gwinyamathe, eMatimatolo, ngoLwesine.
Kubikwa ukuthi kuboshwe abasolwa ababili abebesolwa ecaleni lokubulala endaweni yokucima ukoma, elisendaweni i-Gwinyamathe, kwashaqwa nesibhamu esingekho emthethweni.
Okhulumela amaphoyisa esiFunda uMzinyathi uConstable Siyabonga Nkwanyana uthe esitatimendeni, amaphoyisa ase Ematimatolo abophe abasolwa ababili , abasolwa ngecala lokubulala elenzeke endaweni yokucima ukoma iGwinyamathe. Kanye nelokweba utshwala.
Uthe esitatimendeni, emva kokuba amaphoyisa efikile endaweni yesigameko athole isidumbu somuntu wesilisa sinenxeba lokudutshulwa.
“ Umgilwa kukholakala ukuthi nguyena obengumbheki walendawo yokucima ukoma,” kusho uConstable Nkwanyana, eqhuba ethi, amaphoyisa esebenzisa ezobunhloli (intelligence), akwazile ukubopha laba basolwa ababili, kwabe sekutholakala isibhamu esingekho emthethweni kubona, kanye notshwala okukholakala ukuthi buthathwe ngenkathi kubulawa umufi.
Uthe esitatimendeni, isibhamu esitholakale kubasolwa sizohamba siyohlonzwa ukuthi asikaze simbandakanyeke ezenzweni zobugebengu. Uphethe ngokuthi esitatimendeni, uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka kanti abasolwa bazovela enkantolo kamantshi maduzane bebhekene necala lokubulala kanye nelokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni, notshwala okukholakala ukuthi beb