KUBOSHWE abasolwa ababili kwelokuzama ukudayisa isibhamu esingekho emthethweni, eNewcastle, eNyakatho neKwaZulu-Natal, ngelendlule. Kuvelile ukuthi laba baboshwa nje njengoba bebezifunela imali esheshayo enkabeni yedolobha yalelidolobha eselibalulwe ngenhla. OwoPhiko lwe Crime Fighter Crime Task Team u-Imraam Ghafoor, uthe balunye indlebe ngamalunga omphakathi ukuthi kunabasolwa ababili abahambe bedayisa isibhamu sohlobo lwe 2.2. Uqhube wathi bona nethimba labo babe sebelandela umkhondo wabasolwa behambisana nenkampani yonogada i-Magenta Security, balandela labasolwa babe sebebafica ekhoneni lezitaladi u-Allen kanye noDrakensburg Drive, base bebebopha khona lapho. Uthe laba basolwa sebevelile eNkantolo kaMantshi waseNewcastle kanti ngenkathi kuqhubeka uphenyo kuvelile ukuthi oyedawa kubasolwa uke waboshelwa ukubamba inkunzi ehlome ngesibhamu. Uphethe ngokuthi uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka.
Uhulumeni ubhizi uyakhuculula umonakalo odalwe zimvula KwaZulu-Natal
NGUNGQONGQSHE uMfu Thulasizwe Buthelezi.Isithombe.SITHUNYELWE UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uthe esitatimendeni umnyango wakhe ubhizi ngokukhuculula esiFundazweni...