YIMPAHLA eshaqwe kuboshwa abasolwa abahlanu eMpangeni. Kwesingezansi abasolwa abayisithupha ababoshiwe betholakala nempahla yokwebiwa. Izithombe. ZITHUNYELWE
UMKHANKASO wamaphoyisa owaziwa ngokuthi i-Operation Vala uMgodi , ubukeka uthela izithelo ezinhle .
Lokhu kufakazelwa ukuboshwa kwabasolwa abahlanu abeneminyaka esukela kwengu-32 kuya kwengu- 54 , beboshwa uPhiko i-Operation Vala Umgodi ,eMpangeni naseMthunzini , kwashaqwa nempahla engabiza isamba semali engu-R1.5 million yenkampani ephehla iphinde ihlinzeke ngogesi u-Eskom, ngeSonto mhlaka 6 Ephreli 2025.
Okhulumela amaphoyisa esiFundazweni saKwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe esitatimendeni, kuboshwe abasolwa abahlanu emva kokuba betholakale nempahla yokwebiwa yenkampani ephehla , iphinde ihlinseke ngogesi i-Eskom, eMpangeni kanye nase Mthunzini.
Uthe esitatimendeni, amaphoyisa asebenzise ezobunhloli (intelligence), ukuze kuboshwe abasolwa ngokweba impahla ka Eskom.
“Emva kokuba amaphoyisa esebenzise ezobunhloli , athola umkhondo ngalemigulukudu, abe esegasela emzini thizeni eNgwelezane, lapho efike abopha khona abasolwa abahlanu, emva kokuba ebathole nekhopha nokunye kwenkampani u-Eskom.
Uqhube wathi esitatimendeni, le mpahla yabe yebiwe kwisayithi eSabhuza mhlaka 17 Mashi 2025.
“ Uphenyo olunzulu lwamaphoyisa luholele ekutheni (amaphoyisa), aye endaweni yakwa Manteshana , eMakholokholo, lapho ephinde abopha khona abanye abasolwa abayisithupha, abatholwe nenye impahla abayeba kwa Eskom,” kusho uColonel Netshiunda, eqhuba ethi, ngenkathi kuboshwa la babasolwa kushaqwe isibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni, bonke abasolwa bazovela eNkantolo kaMantshi ngoLwesibili (namuhla), bebhekene namacala okutholakala nempahla yokwebiwa kanye nesibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu.
