IZIBHAMU ezishaqwe kubasolwa ngenkathi beboshwa
KUBOSHWE abasolwa abathathu kwashaqwa izibhamu ezimbili kubo. Kuvelile ukuthi abasolwa abathathu abaneminyaka ewu-22 newu-26 baboshwe izolo mhlaka 30 April 2024, epulazini lase Stradford , emgwaqeni u-R33 Dundee/ Greytown Road, elaziwa kakhulu ngokuthi kukaSithole. Kuphinde kwavela ukuthi amaphoyisa alunywe indlebe ngokuthi kukhona abasolwa ababili abame esitolo abahlome ngezibhamu ezingekho emthethweni, amaphoyisa oPhiko lwe-Umzinyathi District High Density Task Team kanye neGlencoe K9, babe sebenikela khona kulendawo, lapho befice khona abasolwa ababili abebetshelwe ngabo ukuthi baphethe izibhamu, ngenkathi bebasesha bathola izibhamu ezingekho emthethweni, zohlobo lwe-pistol. Okhulumela amaphoyisa angaphansi kwesiFunda Umzinyathi District, uConst Siyabonga Nkwanyana uthe amaphoyisa alunywe indlebe ngabasolwa ababili abesolwa ngokuthi baphethe izibhamu ezingekho emthethweni, lapho ethi athe uma egasela kulendawo afika asesha abasolwa ababili, athola lezi bhamu ezingekho emthethweni. Uqhube wathi ngenkathi besebhizi nalabasolwa ababili baphinde bathola umkhondo ngomsolwa abemthungatha ngecala lokubulala khona kulendawo, okuyilapho bekhonile ukubopha umsolwa wesithathu. Kuphinde kwavela ukuthi leli cala lokubulala lenzeka emavikini ambalwa endlule. Ukhomishana wase Umzinyathi District , uMaj-Gen, Francis Slambert, uthe amaphoyisa angeke aphumule uma kusekhona abasolwa ababeka izimpilo zabantu encupheni, nabaphatha izibhamu ezingekho emthethweni.