KUBOSHWE abasolwa abawu-4 kwashaqwa izidakamizwa, impahla yokwebiwa kanye nesibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu. Lomkhankaso wenziwae i-Multi-Disciplinary Operation ebiyenziwa ngaphansi kwamaphoyisa Osizweni awophiko lwe-High Density Operation , obeluhlanganisa uphiko lwe-Osizweni SAPS, Public Order Policing (POP) , awaseNewcastle SAPS kanye nama-Amajuba District mhlaka 30 August 2024 kuya kumhlaka 1 August 2024. “ Ntambama amaphoyisa ethungatha abashushumbisa izidakamizwa ahambe ayogasela emzini thizeni osesigcemeni sakwa F lapho efike asesha athola izidakamizwa zohlobo lwemandrax eziwu-24 , abe esebopha umsolwa oneminyaka ewu-32. Lezidakamizwa zingabiza imali ewu-R2400.00, ngentengo yasesitaladini,” kusho isitatimende esithunyelwe ngamaphoyisa. Ngalo uLwesihlanu ebusuku amaphoyisa aphinde aya endaweni yakusigceme A , emva kokulunywa indlebe ngamalunga omphakathi ukuthi ushushumbisa izidakamizwa. Kuvelile ukuthi amaphoyisa athe uma efika kulendawo esesha athola abasolwa abawu-2 , nezimpahla okusolakala ukuthi zebiwe, okukhona kuzo nomakhalekhukhwini i-Samsung emnyama , abe esebopha abasolwa ababili oneminyaka ewu-27 nonewu-25. Kuphinde kwavela ukuthi lezimpahla zingabiza imali ewu-R3000.00, ngentengo yasemgwaqeni. Eqhubeka amaphoyisa ngomkhankaso wawo mhlaka 1 September alunywe indlebe ngokuthi kukhona umsolwa eMafahlawane ose JJ Tavern , ophethe isibhamu esingekho emthethweni. Kuvelile ukuthi ngenkathi lamaphoyisa egasela kulendawo , abophe umsolwa emva kokumthola nesibhamu esingekho emthethweni sohlobo lwe pistol ewu-9mm enefremu ecwebezelayo ngokusiliva kanye nesidunu esibhulawundi, abe esebopha umsolwa oneminyaka ewu-22. Kuphinde kwavela ukuthi lesibhamu singabiza imali ewu-R15 000.00. Lomkhankaso uthele izithelo ezinhle ngoba amaphoyisa akwazile ukubopha abasolwa abathathu abaneminyaka ewu-22, 25 kanye newu-27 , abatholakale nezidakamizwa , impahla eyebiwe kanye nesibhamu esingekho emthethweni, kanti bonke laba basolwa sebevelile eNkantolo ePhakeme yaseMadadeni , bebhekene nawo lamacala asebalulwe ngenhla kanti bazobuyela enkantolo maduzane futhi.
Asinakiwe isakhiwo esidala sesikole saseBlaauwbosch okwafundisa kuso uChief Albert Luthuli
SESASALA sinje isakhiwo esinomlando. Isithombe. SITHUNYELWE ASINAKIWE isakhiwo esidala sesikole samabanga aphansi saseBlaauwbosch, eNewcastle, eNyakatho neKwaZulu-Natal, lapho kwakufundisa khona inqalabutho...