KUBOSHWE abantu abathathu abaneminyaka esikela kwe-30 kuya kwewu-70, kwashaqwa isibhamu esingengekho emthethweni , izinhlamvu kanye nensangu. Laba kuvelile ukuthi baboshwe uPhiko lwe Uzminyathi District Task Team, National Deployment Team kanye ne Crime Intelligence, ngenkathi benomkhankaso wokulwisana nokuphathwa kwezibhamu ezingekho emthethweni, zinhlamvu kanye nezidakamizwa. Kuphinde kwavela ukuthi amaphoyisa abebhizi ngelendlule enza umkhankaso wezivimba kwaqo kanye nokuhamba bebheka ngenkathi besesha owokufika kuleli oneminyaka ewu-32, base bemthola namaphasela ensangu awu-44, wabe eseboshwa khona lapho, khona enkabeni yedolobha iDundee. Okhulumela amaphoyisa kwisiFunda iDundee uConst Siyabonga Nkwanyana uthe kwesinye isigmeko amaphoyisa aye endaweni yase Ezingulubeni, emva kokuba elunywe indlebe ngokuthi kunomsolwa ophethe isibhamu esingekho emthethweni. Uqhube wathi ngenkathi egasela kulendawo eseMsinga, athole leli khehla elineminyaka ewu-70, nesibhamu sohlobo lwe-R assault rifle esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu. Uthe baphinde bandlulela kwenye indawo kwaNogavu lapho befike nakhona babopha umsolwa oneminyaka ewu-31 emva kokuba bemthole nesibhamu esingekho emthethweni sohlobo lwepistol kanye nezinhlamvu. Uphethe ngokuthi laba basolwa bazovela ezinkntolo ezahlukene okuyiDundee kanye naseMsinga