AMAPHOYISA abophe abantu bokufika abangu-15 abangenazo izimvume zokuba seNingizimu Afrika, aphinda ashaqa abangu-100 abahlala emgwaqeni ngase-Albert Park, eThekwini, ngoMsombuluko, abafudukusela ezindaweni eziphephile.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, laba abokufika ababoshiwe bazoqala bayohlonzwa ukuthi awekho yini amacala ababhekene nawo noma abake bawenza ngaphambi kokuba babuyiselwe emazweni abo.
Kulabo ababoshiwe ababili babo kutholakale ukuthi bayabandakanyeka ezenzweni zobugebengu ngoba bayamaniswe nazo lezi zenzo zobugebengu ngezithupha, kwavela nokuthi omunye wabo uyathinteka ecaleni lobugebengu elenzeka ngonyaka ka-2021.
“Laba baboshwa nje yingoba kunohlelo lokukhuculula olubizwa ngokuthi ‘i-Operation Clean Up’, okuhloswe ngalo ukulwisana nokushushumbiswa kwezidakamizwa, ubugebengu kanye nokukhuculula edolobheni i-Theku,” kusho uColonel Netshiunda esitatimendeni.
“Kulolu hlelo lokukhuculula sihlose nokuhlonza abokufika abangene kuleli ngokungemthetho, siphinde silwisane nobugebengu nezidakamizwa.”
Kulo mkhankaso amaphoyisa abehambisana neminyango kahulumeni eyahlukene, okubalwa owehhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, owezokuHlunyeliswa kweziMilo, amaphoyisa oMkhandlu weTheku, uMnyango wezaseKhaya, noMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi.
“Sibone kubalulekile ukuba sihambele kule ndawo i-Albert Park ngoba ziningi izigameko zobugebengu ezenzeka kuyona okubalwa kuzo ukwebiwa kwezimoto, ukuphihlizwa kwamafasitela ezimoto kuntshomtshwe okubalulekile kanye nokubanjwa kwenkunzi ngendluzula okudlangile kule ndawo.
Ngeke siwuyeke lo mkhankaso ngoba sihlose ukulwisana nobugebengu kanye nokushushumbiswa kwezidakamizwa.”
Kulolu hlelo lokukhuculula kuphinde kwacekelwa phansi izakhiwo ezingekho emthethweni lapho kuhlala khona labo abahlala ngaphansi kwebhuloho eliseduze komgwaqo onguthela wayeka, u-M4 Highway. Kulaba bantu abahlala emigwaqeni kuphinde kwatholakala ukuthi banezifo eziningi, okubalwa kuzo izilonda ezivulekile. Kuphinde kwatholakala nezinaliti zokujova kuzo lezi zakhiwo zabo ezingekho emthethweni.
Labo abatholakale benokugula bathole ukwelashwa ngabe EMS khona endaweni obekukhucululwa kuyona.
UNdunankulu wesifundazwe, uMnuz Ntuli, ezindabeni zoKhozi FM, uthe: “Ngalo mkhankaso sihlose ngawo ukuthi ufinyelele kuwo wonke amadolobha aKwaZulu-Natal, ngoba kuyabonakala ukuthi abokufika bagcwele ngisho nakwamancane amadolobha, futhi abangenazo izimvume zokuba kuleli.
Sihlose ukuthi kushaye isikhathi sikaNcibijane sibe sesikhuculule kuwo wonke amadolobha aKwaZulu-Natal,” kusho uNtuli.