ZIKHALELWE ngamaSongo kaS’Gonyela izithandani ezimbili uShivani Singh oneminyaka ewu-42, kanye no Shanil Bharath onemniyaka ewu-55 , abahlala e-Riet River emva kokuba bevule amacala amabili , okuthunjwa kanye nelokudunwa kwemoto. Kuvelile ukuthi owesilisa wafaka inkulumo eqoshiwe (voice note), ezinkundleni zokuxhumana wathi kudunwe umkakhe , waphinde wathunjwa, kwathi inkampani yonogada iReaction Unit of South Africa (RUSA), eholwa ngu Prem Balram , yaphuthuma endaweni yesigameko ngoba kwangena nephini eyabe ikhoma ukuthi ingabe ungakuphi lona okusolwa ngokuthi wadunwa , wathunjwa. “ Owesifazane washayela indoda esebenzisa uwhatsapp ngezwi elithi kukhona abafuna ukumbamba inkunzi , wafaka imilayezo emibili, lemilayezo enamaphini yayikhoma ukuthi uhamba ngasePinetown ubheke ngase Westville. Yonke lemilayezo yabe isiyaphela noma yanqamuka, “kusho uMnu Balram. Kuphinde kwavela ukuthi umlayezo wasabalaliswa ngezinkundla zokuxhumana i-Facebook kanye nezinye bezama ukuthola lona wesifazane. “ Lokhu kwaholelwa ekutheni zonke izinhlaka zomthetho ziqale uphenyo olunzulu khona esiFundazweni i-KwaZulu-Natal, bezama ukuthola lona wesifazane. Lolu phenyo luveze ukuthi lona wesifazane wabe efisa ukuba nesithandwa sakhe. Umngani wakhe lona wesifazane wakubona ngayizolo lokhu okwakkushiwo Ilona wesifazane.” UMnu Balram uthe lona wesifazane wakwenza ngamabomu amakhulu lokhu ngoba wayefuna ukuba nesancinza wabe eseqamba amanga ukuze ayohlala naleshende lakhe. “ Abasebenzi laba bathola nesithombe sakhe lona wesifazane lapho ayefuna khona usizo lwezomthetho ukuza afake isicelo sesahlukaniso efake nesithombe sakhe lapho. Lokhu kwenziwa ngamabomu ezinkundleni zokuxhumana ukuze kuzokholakala ukuthi wabe ethunjiwe kanti wayehlose ukuyohlala nesancinza. Lona wesifazane wabonakala eshayela imoto ezihambela yedwa emva kokuba ebike ukuthi imoto ifuna ukudunwa.” Umngani kalona wesifazane ukuvezile ukuthi lona ubesebenzisa ufacebook ngayizolo emva kokuba ethe uduniwe imoto. I-RUSA yasebenzisa indiza enophephela emhlane izama ukuthola lona wesifazane mhlaka 23 August 2024 , ngoba kwakubikwe ukuthi uduniwe mhlaka 22 August 2024, babehamba bebheka imoto emhlophe yohlobo lwe Suzuki Celento.” Kuvelile ukuthi lona wesifazane watholakala eNewcastle mhlaka 24 August 2024, ngabomthetho wabe esethwesa icala lokukhohlisa amaphoyisa ngokuthi kudunwe imoto waphinde wathunjwa. Kuphinde kwavela ukuthi abaseshi baseVerulam bamlanda ebusuku ngoMgqibelo bambuyisela eThekwini, lapho egcinwe khona ezitokisini. Okhulumela amaphoyisa esiFundazweni i-KwaZulu-Natal uCol Robert Netshiunda uthe lona wesifazane kanye nqondonqondo ekufihlweni kwemoto ngowesilisa ukuze kube ngathi imoto iduniwe baboshelwe ukuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho. Uthe lona wesifazane uthi wadunwa imoto eVerulam wafakwa ebhuthini kodwa wakhona ukuthumela imilayezo. Uphinde wakuveza ukuthi ngaphambi kokuba aqambe lamanga wake wachitha isikhathi eCasino. Uqhube wathi uphenyo lwamaphoyisa luveze ukuthi lona wesifazane wachitha ubusuku kwenye yezindawo sokulala ebusuku eNewcastle, wathi angabona ukuthi amaphoyisa asezombopha wabe esezinikela esiteshini samaphoyisa aseNewcastle. “ Ube eseqamba amanga ukuthi abathumbi bakhe bamlahla eceleni komgwaqo,” kusho uCol Netshiunda. Uphinde wakuveza ukuthi lokhu kudonse amehlo abantu abaningi ngoba babephawula ezinkundleni zokuxhumana bezwakalisa ukuzwelana naye kanye nomndeni wakhe. Owakhuluma kulenkundla yokuxhumana uFacebook uZanele Khena wathi lento emenzekele iyacasula , wathi abantu besifazane bayabulala nsuku zonke. Uthe kumele abahswe ajeze ngokumoshela amaphoyisa isikhathi kanye nezinsiza. uGenevieve Kelly naye wathumela amazwi okuzwelana nomyeni wakhe, wathi kumele athole ukululekwa ngokwenqondo, futhi alapheke ngalesenzo sikankosikazi wakhe. Lona wesifazane uvelile eNkantolo kaMantshi waseVerulam benaye lona wesilisa kodwa bakhishwa ngebheyili ka-R1500.00 kanti icala lihlehliselwe umhlaka 10 October 2024, kanti nophenyo lwamaphoyi