KUXWAYISWA umphakathi ngomkhonyovu odlangile eNewcastle! Kuvelile ukuthi amaqola afonela abantu abathembise noma abakhohlise ngendlela elula yokonga imali kanti ahlose ukubaqola imali yabo abayisebenzele kanzima. Ayikho indawo yokonga imali ngaphandle kwamabhange noma izinkampani semishukarense ezibhalisiwe , hhayi ombombayi abafonela abantu babakhohlise ngendlela elula yokonga imali.” Kokunye lamaqola afonela abantu abatshele ngamathikithi ashibhile ezindiza, amabhasi , aphinde abatshele ngezindawo ezishibhile abangalala kuzo uma beya emaholidini, bese bethi abafake imali ngokushesha ukuze bssizakale. Kokunye bayaye bakhangise ngezindali emaphephandabeni nakumawebsites bafake izithombe eziwubukhazikhazi kanti bahlose ukuqola abantu. ” Abanye bakhangisa ngamakhambi ezempilo bathi alapha izifo zonke baphinde bakhande izikimu ezizalisa imali, bathi faka imali ethize uzoyithole isiphindwe kathathu noma kane, ungalokothi wenze lokho baningi abantu asebe yizisulu zalokho. Xwayani khona abafika emakhaya banokhe bathi baqhamuka ezinkampanini zamaphepha noma zama magazine bazothi bacela iminingwane yakho ukuze uzoyithola emnyango, ungabaniki imininingwane yakho basuke befuna ukukuqola
Abanye bafonela abantu abadala babakhohlise bathi bawine iLotto nokunye, bese bebatshela ukuthi abakhokhe okuncane ukuze babakhokhele umklomelo mbumbulu okuthiwa bawuwinile. Kokunye bakuthumelela umlayezo bazenze ibhange lakho bakufune imininingwane yakho yasebhange kanye nephini ngenhloso yokokuqola, ungalokothi unikeze umuntu ongamazi imininingwane yakho nephini. Abanye bakufonela bazenze abasebenzela izinkampani zomakhalekhukhwini bakutshele ukuthi uwine airtime thizeni bese bethi faka imali ukuze bakuthumelele yona. Bathi kokunye bakubuza izinumber ezithize ogcine uzishayela mhlampe ezintathu kanti bahlose ukukuphuca inumber yakho benze SIM Swap ngenumber yakho, emva kokufonela isikhashana emva kokukufonela inamba yakho ngeke isasebenza, sekuyengeyabo.Ekugcineni lezigebengu zizothola imilayezo yakho ebalulekile ngoba phela izobe isingena kubo, bese beqala bezenzela nakuma akhawunti akho. Abantu abaqikelele ubugebengu budlangile ngaphandle.