NGABEBEYINGXENYE yeMajuba Film Festival yokucobelelana ngolwazi Izithombe: ZITHUNYELWE
IMAJUBA Film Festival ibambisene neKwaZulu-Natal Tourism and Film Authority (KZNTAFA) neFace of Earth (FOE) Foundation babe nembizo yokucobelelana ngolwazi eNewcastle Airport Techno Hub, lomkhakha wamafilimu obese kungunyaka wesine ubanjwa esifundeni saseMajuba.
Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, umphathi nomsunguli weMajuba Film Festival uSamukelisiwe Sibisi, uthe bekumenywe abantu abaningi abasemkhakheni wamafilimu ukuzocobelelana ngolwazi nentsha yasesifundeni saseMajuba enesifiso sokungena emkhakheni wamafilimu.
“Eyakulo nyaka i-film festival ibingehlukile kakhulu ngoba bekucotshelelwana ngolwazi, kukhona iphaneli (isigungu sezingqapheli) yabavela kwezamafilumu esifundeni saseMajuba kanti futhi nabamafilimu baseNewcastle namaphethelo nabo bathole amathuba okukhombisa ngamafilimu abo akhishwe ngonyaka odlule u-2023 nakulo nyaka.
“ Bekukhona nababhala nabaqondisi bamafilimu asebezakhele igama kulo mkhakha esifundeni saseMajuba, okubalwa kubona uZama Mafikeni Msibi osekhiqize ifilimu esihloko sithi Screening Silence Pocket of the Township Boy, kanti futhi obebambe iqhaza lokucobelela intsha ngolwazi kulo mkhakha bekunguSenzo Mlambo oqhamuka enkampanini eyaziwa nge Laugh out Loud Arts Organisation,” kusho isitatimende, esiveze ukuthi bekunoqeqesho kulo mkhakha obelubanjelwe kwi-Inkanyezi Training Room, esezakhiweni sikaMasipala waseNewcastle.
Ngokusho kwalesi sitatimende, bekuqhubeka nezinye izinhlelo zokucobelelana ngolwazi lwezamafilimi ezindaweni ezahlukene ezingaphansi kwesifunda saseMajuba, emahholo okubalwa kuwo i-Dorothy Nyembe eliseMafahlawane, eDannhauser, nase-St Anthony’s Child and Youth Centre, eBlaauwbosch, eNewcastle, eziqale ngoNovemba 21 kwaze kwaba sekupheleni kwawo uNovemba.
“Lokhu kucobelelana ngolwazi kuphinde kwanika intsha ithuba lokuthi ithole isipiliyoni nanokuvelela kulo mkhakha. Lo mcimbi ubuhlelwe ngabafundi abenza zona izifundo zamafilimu eCathsseta Learnership Program in Art Administration.
Laba bafundi bafundiswa izinto ezahlukene ezibafundisa i-festival management, technical skills (audio-visual), event coordination ne-project management.
Abagcini ngokuyifundisa intsha baphinde bayivulele namathuba emisebenzi nakuma-Small Medium Micro Enterprices (SMME’s), abalapha esifundeni Amajuba.”
Kuphinde kwabongwa intsha esemkhakheni womculo, ukudansa, ingoma nesemkhakheni wezemidlalo yeshashalazi. Kwabongwa nabaxhasi bonke abebexhase le mbizo yokucobelelana ngolwazi ukuthi ibe yimpumelelo.