Saturday, July 12, 2025
DONATE
PROFILE
  • Login
  • Register
No Result
View All Result
Izwi Lomphakathi Newspaper
ADVERTISEMENT
  • Home
    • Advertise
    • Rate Card
  • Community
  • Crime
  • News
    • Provincial
    • National
    • Politics
  • Entertainment
    • Events
  • Sports
    • Schools Sports
    • Club Sports
  • About Us
    • Terms & Conditions
    • Privacy Policy
Subscribe
  • Home
    • Advertise
    • Rate Card
  • Community
  • Crime
  • News
    • Provincial
    • National
    • Politics
  • Entertainment
    • Events
  • Sports
    • Schools Sports
    • Club Sports
  • About Us
    • Terms & Conditions
    • Privacy Policy
No Result
View All Result
Izwi Lomphakathi Newspaper
No Result
View All Result
Home Crime

Kuboshwe owesifazane ngokuvula amacala angekho, eVerulam

by Langelihle Chagwe
May 15, 2025
in Crime
Reading Time: 2 mins read
A A
0
Odilikajele abathathu kanye neminyaka engu-160, kowadlwengula ephindelela
Share on FacebookShare on Twitter

KUBOSHWE owesifazane oneminyaka engu-18 emva kokuba evule amacala amabili angekho ,elokuthunjwa kanye nelokudlwengulwa eVerulam mhlaka 2 Meyi 2025.

Kubikwa ukuthi lona wesifazane wahamba wavula icala lokuthi babe sendaweni yokuzijabulisa (party), babe sebecela imoto yohlobo lwe e-hailing ukuba ibase emakhaya besuka e-Waterloo, kodwa umshayeli wabasa eThekwini, kunokuba abase emakhaya.

ADVERTISEMENT

Okhulumela amaphoyisa esiFundazweni saKwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe esitatimendeni, kuboshwe owesifazane oneminyaka engu-18 , emva kokuba evule amacala angekho , elokuthunjwa nelokudlwengulwa.

“Ngenkathi evula icala watshela amaphoyisa ukuthi wabe esepatini e-Waterloo, nabangani bakhe base becela imoto e-hailing ukuba ibase emakhaya, kodwa kunokuba ibase emakhaya yabasa eThekwini,”kusho yena esitatimendeni.

Uthe esitatimendeni , lona wesifazane waphinde watshela amaphoyisa ukuthi bathi besendleleni bahlangana nenye imoto, wabe esephoqwa ukuthi akanikezele ngesikhwama sakhe kuleyomoto esinezinto zakhe, babe sebemthatha bemuse ekilabhini eClaremont, lapho bafike bamshaya khona , bamphoqa ukuthi akadle izidakamizwa wabe esedlwengula iqulu la madoda.

“ Amaphoyisa abe esevula amacala amabili elokuthumba kanye nelokudlwengula,” esho esitatimendeni.

Uthe esitatimendeni , athe amaphoyisa uma enza uphenyo kwavela ukuthi ummangali wabe ehubhuza amanga, kanti ekugcineni wabe esevuma ukuthi wabe ehubhuza amanga njengoba wabe esabaukuthi umama wakhe uzophoxeka komakhelwane.

“ Lona wesifazane ube eseboshwa kanti usevelile naseNkantolo kaMantshi wase Verulam ngoMsombuluko , wabe esededelwa ngebheyili,” kusho uColonel Netshiunda , eqhuba ethi lona wesifazane uzophinde abuyele eNkantolo yase Verulam maduzane.

UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi uthe esitatimendeni, lokhu kuzothumela umlayezo kwabanye ukuthi akuqanjwa amanga kuvulwe amacala angekho.

Uqhube wathi esitatimendeni, singamaphoyisa siyaqinisekisa ukuthi siyalwisana namacala abhekiswe kubantu besifazane kanye nezingane.

“Siyalwisana futhi nabantu besifazane abavula amacala angekho,” kulanda yena esitatimendeni, eqhuba ethi baningi abantu besilisa engabe sebeboshiwe ngalesi senzo salona wesifazane, bese ekugcineni izisulu zizofuna imali yamademeshe emaphoyiseni (civil claims).

Uphethe ngokuthi esitatimendeni , ukuvula amacala angekho kumosha isikhathi samaphoyisa kanye nezinsiza kanti futhi kuyicala.

Langelihle Chagwe

Langelihle Chagwe

Izwi Lomphakathi Newspaper is 100 percent in IsiZulu and it was established immediated when the killer dicease Covid 19 plaqued the Globe. Publisher is an experienced Journalist with more than 21 years experience in the media fraternity. Publisher had worked for various newspapers such as The New Age,Daily Sun, Sowetan, Northern Natal Courier and other community newspapers. It aimed in promoting reading and to disseminate informatio or to inform the community at large about the news that is happening around them. It also aimed at promoting the culture of going back to basics and promote the reading using indigenous languages which is now fading. Going online will also help to educate, inform the public about news happening around them and nationally.

Related Posts

Kuvunjululwe isidleke sokuhlinza izimoto, eMlazi

Kuvunjululwe isidleke sokuhlinza izimoto, eMlazi

by Langelihle Chagwe
July 10, 2025
0
3

ZINCEZU zezimoto ezitholakale endaweni okuhlinzelwa kuyo izimoto zokwebiwa. Izithombe.ZITHUNYELWE KUVUNJULULWE isidleke sokuhlinza izimoto esigcemeni sakwa N eMlazi (uMlazi N Section),...

Bavele eNkantolo kaMantshi wasePongola abasolwa ngokubulala isishoshovu zomzabalazo wobandlululo wmva kweminyaka engu-40

Udilikajele, neminyaka engamashumi amabili nesishiyagalombili , kwababulala, babamba inkunzi

by Langelihle Chagwe
July 9, 2025
0
3

UMZOMUHLE Zondi oneminyaka engamashumi amane nanye kanye noKhumbulani Zondi oneminyaka engamashumi amathathu  nesishiyagalolunye ,bagwetshwe udilikajele umuntu ngamunye kanye neminyaka engamashumi...

Kuxwayiswa abazali nabafundi ukuthi bangalokothi babhalise ezikhungweni ezingabhalisiwe emnyangweni

Kuboshwe owokufika ngecala lokubulala ngo Agasti 2024,eMlazi

by Langelihle Chagwe
July 8, 2025
0
3

KUBOSHWE umsolwa oneminyaka engamashumi amabili nesishiyagalombili ngamaphoyisa oPhiko oluphenya amacala abucayi okubulala kanye nawokubamba inkunzi kuhlonyiwe (KwaZulu-Natal Murder and Robbery...

Kuqopheke umlando kwethulwa isikhwama semphesheni yaMakhosi, uhlelo lwezempilo, lokonga,oNdini

Kusale enkundleni ababili , kwaboshwa ababili kwelokuzama ukubamba inkunzi imoto yemali,eMsinga

by Langelihle Chagwe
July 4, 2025
0
3

IMOTO ebihamba abasolwa abasale enkundleni.Isithombe.SITHUNYELWE ITULO lokuzama ukubamba inkunzi imoto yemali kuhlonyiwe aliphumelelanga, lokhu kwenze ukuthi kusale enkundleni abasolwa ababili...

Iminyaka engu-5  kwelenkohlakalo nokukhwabanisela umqashi imali engu-R2million

Udilikajele ngowadlwengula indodakazi (8), eGreytown

by Langelihle Chagwe
July 1, 2025
0
3

UMLISA elingeke lidalulwe igama lakhe oneminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye ugwetshwe udilikajele emva kokuba elahlwe icala lokudlwengula indodakazi yakhe eneminyaka eyisishiyagalombili...

Kuboshwe umsolwa, kwashaqwa izibhamu ezintathu , KwaMakhutha

Kuboshwe umsolwa, kwashaqwa izibhamu ezintathu , KwaMakhutha

by Langelihle Chagwe
June 18, 2025
0
3

ZIBHAMU ezishaqwe kuboshwa umsolwa. Izithombe. ZITHUNYELWE KUBOSHWE umsolwa oneminyaka engamashumi amane nesishiyagalolunye, kwashaqwa nezibhamu ezimbili eziyimjojantaba AK47, kanye nesohlobo lwe...

Recommended

Owesifazane waseMzinyathi uvuna izithelo zempumelelo kwezolimo

Abezezinhlekelele bame ngomumo  ekulwisaneni nemililo yequbula

12 months ago
3
UNgqongqoshe uhlela ukuba nesithangami sasekuseni , ngokukhokhelwa ngokulingana

UMNYANGO we-National Employment Policy isithathe elinye igxathu

1 year ago
3

About Us

Izwi Lomphakathi Newspaper

Izwi Lomphakathi Newspaper is 100 percent in IsiZulu and it was established immediated when the killer dicease Covid 19 plaqued the Globe. Publisher is an experienced Journalist with more than 21 years experience in the media fraternity. Publisher had worked for various newspapers such as The New Age,Daily Sun, Sowetan, Northern Natal Courier and other community newspapers.

Associations

Category

Socials

Newsletter

  • About
  • Advertise
  • Subscribe
  • Contact
  • Terms & Conditions
  • Privacy Policy
  • Cookie Policy (ZA)

© 2023 Izwi Lomphakathi Initiative is offered by SANEF

No Result
View All Result
  • Politics
  • Municpality
  • Local Business
  • Provincial
  • National
  • Entertainment
  • Events
  • Schools
  • Announcements
  • Sports
  • Community
  • Letter
  • Crime
  • People
  • Local Heros
  • Food

© 2023 Izwi Lomphakathi Initiative is offered by SANEF

Welcome Back!

Login to your account below

Forgotten Password? Sign Up

Create New Account!

Fill the forms below to register

All fields are required. Log In

Retrieve your password

Please enter your username or email address to reset your password.

Log In
Manage Cookie Consent
We use technologies like cookies to store and/or access device information.
Functional Always active
The technical storage or access is strictly necessary for the legitimate purpose of enabling the use of a specific service explicitly requested by the subscriber or user, or for the sole purpose of carrying out the transmission of a communication over an electronic communications network.
Preferences
The technical storage or access is necessary for the legitimate purpose of storing preferences that are not requested by the subscriber or user.
Statistics
The technical storage or access that is used exclusively for statistical purposes. The technical storage or access that is used exclusively for anonymous statistical purposes. Without a subpoena, voluntary compliance on the part of your Internet Service Provider, or additional records from a third party, information stored or retrieved for this purpose alone cannot usually be used to identify you.
Marketing
The technical storage or access is required to create user profiles to send advertising, or to track the user on a website or across several websites for similar marketing purposes.
Manage options Manage services Manage {vendor_count} vendors Read more about these purposes
View preferences
{title} {title} {title}