IZIBHAMU ezitholakale kumsolwa ngenkathi eboshwa.
KUBOSHWE umsolwa eMalukazi, esIpingo, kwashaqwa izibhamu ezimbili kuyena. Kuvelile ukuthi amaphoyisa alunywe indlebe ngokuthi kunomsolwa oshushumbisa izidakamizwa, abe esehamba amaphoyisa ayobheka lendawo alayelwe yona. Ngokusho kokhulumela amaphoyisa esiFundazweni saKwaZulu-Natal uCol Robert Netshiunda, amaphoyisa alunywe indlebe ngokuthi kunomsolwa oshushumbisa izidakamizwa, kulendawo esibalulwe ngenhla. Uthe lamaphoyisa oPhiko lwe Provincial Drug and Firearms Unit , libe seligasela kulendawo, alayelwe kuyona. Uthe ngenkathi beqala bethi bayosesha kulendlu abayalelwe yona umsolwa okusolakala ukuthi ushushumbisa izidakamizwa, uvele wadubula ebhekise emaphoyiseni kwadubuleka elilodwa, naye umsolwa wadubuleka. Kuphinde kwavela ukuthi lesigameko senzeke mhlaka 14 May 2024, ekuseni.“Amaphoyisa abe esembopha umsolwa emva kokuba etholakale nezibhamu ezimbili ezingekho emthethweni Kanye nezinhlamvu,”esho. Uqhube wathi umsolwa kumanje naye usesibhedlela emva kokulimala kwakhe kanti uqashwe ngamaphoyisa khona esibhedlela ngoba naye welashelwa amanxeba okudutshulwa, ngenkathi nawo amaphoyisa ephendula ngezulu lezandla.