IKHABHINETHI laKwaZulu-Natal, elifungiswe namuhla
KUFUNGISWE uNdunankulu waKwaZulu-Natal , uMnu Thami Ntuli, namuhla, ngaphansi kohulumeni wobumbano oyilungu le-IFP. Lolubumbano ludalwe ngukuthi lingekho iqembu eliwine ukhetho ngokungaphezulu kwamaphasenti awu-50, lokhu okudale ukuba kube nezinxoxo zohulumeni bokubambisana, UNdunankulu uMnu Ntuli eqeda kufungiswa unxuse wonke lamaqembu ababambisene nawo kulohulumeni ukuthi azibeke phansi izigqoko zamaqembu kodwa kusetshenzelwe abantu noma kubekwe phambili izimpilo zabantu. uqhube wathi kumele siqhakambise ukuletha uzinzo siqinisekise ukuthi imali yabakhokhi bentela , siyazi ukuthi isenti nesenti liphucula izimpilo zabo. Uthe isenti nesenti kumele kuqinisekiswe ukuthi lisebenzela abantu. Ube naye esekhetha iKhabhinethi yakhe eqeda ukufungiswa njengoNdunankulu kanti lona lime kanje. UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha kanye nezemvelo nguRev Musa Keith Zondi, ZokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu , Thulasizwe Buthelezi, Ezempilo, Nomagugu Simelane,zokuThuthukiswa koMphakathi, Mbali Cynthia Chinga, eZemisebenzi noKwakha, Lukas Marthinus Meyer, Ezezimali, Francoise Adrianus Rodgers, Ezolimo nokuThuthikiswa kwezindawo zaseMakhaya, Thembeni Prety kaMadlopha Mthethwa, ezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu, Siboniso Armstrong Duma, eZemfundo, Siphosihle Emmanuel Hlomuka bese kuthi kweZemidlalo, ezoBuciko namaSiko, Mntomuhle Khawula. kanti eMpumalanga kufungiswe uMnu Mandla Ndlovu.