NGOZIME abaphume phambili ngokwehlukana ngeminyaka. Ezithombeni kukhona uSiyamthanda Ngcobo, Angel Nxumalo, Fanele Mngadi ngokweminyaka ehlukene ngoba bekuqla abaneminyaka ewu-6-12, kube13-19 kugcine abeneminyaka ewu-20-29.
KUGQUGQUZELWE intsha ukuthi ingazinyezi futhi izimele. Lokugqugquzelwe kwentsha kwenziwe ngenkathi bekunomcimbi wozime (beauty pageants), obubanjelwe ehholo lomphakathi lase Springbok, eDannhauser, namuhla mhlaka 18 May 2024. Obengumhleli womcimbi ophinde abe ngumsunguli nomnikazi we Enhle Bakery uNksz Ntombenhle Mhlanga uthe intsha kumele ifunde ukuzimela futhi akukho okungeke kwenzeka ngaphandle kokuba umuntu azimisela nanokuthi azi ukuthi ufunani empilweni. Uthe kumele wazi ukuthi usukaphi, uyaphi ufuna ukuzuzani empilweni. Uphinde wakugcizelela ukuthi intsha ikakhulukazi eyesifazane kumele ikuqinisekise ukuthi izithanda yona futhi ingabheki ukuthandwa ngabantu besilisa abazobakhohlisa bathi bayabathanda bese bebelahla uma sebebakhulelisile. Uqhube wathi intsha yanamuhla ibhekene nezinqinamba eziningi (social ills), okubalwa kuzo izidakamizwa kanye nokukhulelwa besebancane, wathi intsha ibhekene nenselelo enkulu yokusweleka kwamathuba omsebenzi, kodwa wakuqinisekisa ukuthi akukho okungenzeki. Uthe intsha kumele izazi ukuthi ingbani, ifunani empilweni, ingasabi ukufeza amaphupho ayo, futhi iyiqonde nendlela eya empumelelweni. Uphethe ngokubonga bonke abazali abadedele izingane zabo ukuze zibambe iqhaza ekungeneleleni umqhudelwano wozime bendawo. Abaphumelele futhi ababashaye emakhanda emkhakheni wozime baklonyeliswe ngezitifiketi, ibhande, umqhele, indondo, inkomishi kanye nezipho bese kuthi abalale isibili nesithathu bathole ibhande, isitifiketiindondo kanye nesipho kanye nabalale isithathu. Amajaji bekungu.Wendy Moloi, Zuzile Thwala kanye noNobuhle Thusi.