KWESOBUNXELE uSomlomo waseMajuba uKhansela Siphamandla Zulu, ibamba le Meya uKhansela Thembelihle Mthembu, usomabhizinisi ohlomulile kanye neMeya yaseDannhauser uKhansela Bongani Radebe.Isithombe. LANGELIHLE CHAGWE
KUXHASWE osomabhizinisi abahlanu abasafufusa ngenkathi bekunomcimbi wokwethulwa kwesabelo mali sika 2025/26 eDurnacol Sports Complex ,eDannhauser, eWadi 2, ngoLwesithathu lolu.
Ibamba le Meya kaMasipala wesiFunda Amajuba uKhansela Thembelihle Mthembu, uxhase labo somabhizini ngemali engu-R5000 ngamunye abaziphilisa ngokudayisa , kanti futhi uphinde wahlomulisa labo abacosha imfucuza (recycling) , ngezinsiza kusebenza okubalwa kuzo umshini wokucosha kanye nezimpahla zokuvikela (safety clothes).
“ Ukunikezwa kwempahla kube yinto egqamile kulo mcimbi obekuhloswe ngawo ukukhuthaza osomabhizinisi, ukwakhiwa kwamathuba emisebenzi, nokunakekelwa kwemvelo endaweni,” kusho uMeya Mthembu.
Uthe osomabhizinisi abasafufusa babamba iqhaza elikhulu ekuthuthukisweni komnotho wasedannhauser kanye nakwamanye amadolobha.
“Uhlelo lukamasipala lokweseka abahwebi bendawo nabacosha imfucuza lukhombisa ukuzibophezela kwawo ekukhuthazeni ukukhula komnotho nokwenza ngcono izimpilo zabahlali.
Kulo mcimbi ibamba le Meya uKhansela Mthembu ugcizelele ukubaluleka kokuzibandakanya komphakathi ezinhlelweni zikamasipala, wathi kubalulekile ukuthi umasipala uqonde izidingo nezinselelo abahlali ababhekana nazo.
“Sizibophezele ekusebenzisaneni nemiphakathi yethu ukwenza uhlelo olubanzi lwe-lentuthhuko edidiyewe (Intergrated Development Plan) , phecelezi IDP, nesabelomali esibhekelela izidingo zayo nezinto ezibalulekile,” kusho ibamba le Meya uKhansela Mthembu.
Umcimbi wokwethulwa kwe-IDP kanye nesabelomali unikeze umasipala inkundla yokuxoxisana nabahlali, ababambe iqhaza, nabanikazi bamabhizinisi, ukuqoqa imibono kanye nezimpendulo mayelana nezinhlelo zikamasipala nezinto ezibalulekile onyakeni wezimali wezi-2025/26.
Ukwethulwa ngempumelelo kwe-IDP kanye nesabelomali kuphawula ingqophamlando ebalulekile ohlelweni lukamasipala lokuhlela nesabelomali.
“ Kulindeleke ukuthi umasipala uqhubeke nokuxoxisana nemiphakathi kanye nababambe iqhaza unyaka wonke ukuze uqinisekise ukuthi i-IDP nesabelomali zisetshenziswa ngempumelelo,” kusho ibamba le Meya uKhansela Mthembu.
Lo mcimbi ubuhanjelwe uloyo obambe njenge Menenja uMnuz Thubelihle Buthelezi, IMeya kaMasipala wendawo yase Dannhauser uKhansela Bongani Radebe, Amakhansela aseDannhauser kanye nase Majuba, Amakhosi aseNdlunkulu, izakhamizi beziphume ngobuningi bawo kanye nabezenkolo.
Uhlelo beluphethwe uSomlomo woMkhandlu Ukhansela Siphamandla Zulu.