KUNGENKATHI kukhulekelwa ukhetho eNewcastle.
KUKHULEKELWE ukhetho olunokuthula nolukhululekile , ngelendlule eNewcastle. Lomkhuleko ubuhlelwe uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu,uNkk Bongiwe Sithole-Moloi, obeluhanjelwe ngabaholi bendabuko , abafundisi bamabandla ahlukahlukene kanye nezinye izinhlaka zikahulumeni zesifundazwe saKwaZulu-Natal, lapho bekushiwo ngazwi linye kuthiwa akuvotwe ngokuthula kube nokubekezelelana. Bekugcwele phama izakhamuzi nazozonke izinhlaka zikahulumeni kanye nezinhlangano ezingenzi nzuzo, kukhombisa nokuthi lokhetho lunesasa, kanti nabeKhomishana yezokhetho esiFundazweni bezikhona ( Independent Electoral Commission), phecelezi IEC. Lomkhuleko ububanjelwe e-Madadeni,eNewcastle, eNyakatho neKwaZulu-Natal. UNgqongqoshe Sithole-Moloi, uphinde wanxusa amalunga omphakathi ukuthi aphume ngobuningi bawo ayovota mhlaka 29 May 2024. UNgqongqoshe Sithole-Moloi, uphinde wakugcizelela ukuthi akube nokuthula nokubekezelelana ngelanga lokuvota. Uphinde washaya ikhwelo kuMakhosi , izinduna , abafundisi , kanye nazo zonke izinhlaka ukuba baqhubeke ngokuqwashisa izakhamuzi ngokuthi zingabi nodlame ngesikhathi sokhetho kube nokubekezelelana. Uthe phambilini isiFundazwe saKwaZulu-Natal, sabhekana nefu elimnyama lodlame olwashiya izakhamuzi eziningi zifile , kwasala izintandane nabantu sebelala emahlathini. Uqhube wathi ucela ukuthi zonke izinhlangano zisebenzisane ukuze kube nokhetho olunokuthula futhi olukhululekile. “ Kumele sisebenzisane ukuze sikhombise futhi sikujabulele ukuthi sineminyaka ewu-30, sathola uhulumeni wentando yeningi, “ esho. Ubemele ubuholi bendabuko KwaZulu-Natal, Inkosi Nqayizivele Sithole, oyiSekela Sihlalo weKwaZulu-Natal Traditional House of Traditional and Khoi-san Leaders, naye uthe akube nokuthula. Uthe sifuna kube nomoya wobumbano nozwano ngoba kubhekwe kulesikhathi sokuyokhetha abantu babekezelelane. “ Sonke asiwamukele ngezandla ezimhlophe amaqembu angenele ukhetho, nanoma eyogaya amavoti,” esho. Uqhube wathi intando yeningi ngeyabantu , ibona okufuna bazikhethele. Uthe Amakhosi kumele aqikelele ukuthi ukhetho lunokuthula nokubekezelelana, noma selundlulile ukhetho abantu bazwane. Uphethe ngokubonga umnyango ngokuhlela lomkhuleko ofana nalona.