KULINDELEKE izimvula ezinamandla ezihambisana nezikhukhula KwaZulu-atal! Lokhu kuvezwe uNgqongqoshe wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uNkk Bongiwe Sithole-Moloi, uxwayise imiphakathi ngesigaba sesine sezimvula ezinamadla ezihambisana nezikhukhula kanye nemimoya ngeSonto mhlaka 10 December 2023. Uthe ngokwemibiko evele kwi-South African Weather Services Forcast, izindawo ezizokhahlamezeka ilabomasipala abalandelayo, Abaqulusi, Afred Duma-Ladysmith, Big Five Hlabisa, Dannhauser, eDumde, eMadlangeni, Endumeni, Ethekwini, Impendle, Inkosi, Langalibalele, KwaDukuza, Mandeni, Maphumulo, Mkhambathini, Mpofana-Giants Castle-Mooi River, Msinga, Mthonjaneni, Mtubatuba, Ndweswe, Newcastle, Nkandla, Nongoma, Nquthu, Okhahlamba, Richmond, Msunduzi kanye nomasipala wasoNdini. Uthe kulindeleke izimvula ezinamandla kulezindawo esezibalulwe ngenhla, futhi nezikhukhula ziqaguliwe. Uqhube wathi imigwaqo , amabhuloho , izindawo eziphansi, kanti lokhu kungadala ukuthi kuvalwe nemigwaqo. “ Imiphakathi kumele ilindele ukuthi iphazamiseke emigwaqeni ngenxa yamanzi nezikhukhula ezizobe zidlangile kanti futhi nezihlahla kulindeleke ukuthi ziwele emigwaqeni. “ Imiphakathi iyanxuswa ukuba ingalokothi ukuba iwele imifula ezobe idla izindwani noma igcwele ngokweqile,” esho, eqhuba ethi imiphakathi kumele iqikelele uma ithatha uhambo ukuthi kuphephile yini, ngoba imigwaqo izobe inezikhukhula futhi nemigodigodi evanise ukuba semigwaqeni izobe igcwele amanzi , yingakho abantu kumele bashayele ngokucophelela. Uqhube wathi imiphakathi eyakhe osebeni lwemifula kumele iqikelele ukuthi iyasuka kuzo , futhi ithuthela ezindaweni eziphezulu. Uphethe ngokuthi abezinhlekelele sebetshalwe kubo bonke labo masipala abazokhahlanyezwa ilezimvula ezinamandla.